04 | Izindaba
Friday, 10 July 2026
NGU-ABDUL Khoza owayekhala ngendlala yemisebenzi emkhakheni wezokulingisa, wathi useyahoxa kuwona.
Lucky Cain
USHAYE ungqimphothwe umlingisi owaphumela obala ngokulaxaza umkhakha wezokulingisa, u-Abdul Khoza kulandela ukujoyina kwakhe umdlalo Uzalo okhonjiswa kwi-SABC 1, phakathi nezinsuku.
Inkampani eqopha lo mdlalo iStained Glass TV, imemezele ukuthi lo mlingisi noLondeka Sishi (osesithombeni esingezansi), bazoba yingxenye yalo mdlalo njengoba bezodlala indawo yezelamani ezisatshwayo KwaMashu, eziteketiswa ngokuthi Amantaliyane.
UKhoza uzobe edlala ekaMa-Ten-Ten, uLondeka adlale ekaLungsta. Ngokusho kwesitatimende esikhishwe yile nkampani, lezi zelamani zizoshubi-sa isimo KwaMashu. Zizosebenzisana noCash Money olingiswa nguMbuso Zulu (osesithombeni esingezansi).
UZulu uzakhele udumo ngokusiza umphakathi njengoba ebeyisiboshwa esichithe iminyaka ejele.
Kulo mdlalo uzobonakalisa ithalente lakhe lokulingisa.
Ngakolunye uhlangothi, isitatimende salo mdlalo sidalule ukubuya kukaLungani Mabaso odlala indawo kaPhefeni, naye oyisigelekeqe esadutshulwa kanzima nguNkunzi olingiswa nguMasoja Msiza.
Ngonyaka odlule uKhoza waphumela obala ngokuthi usethi khumu kulo mkhakha ngenxa yokugqoza komsebenzi (kulo mkhakha).
Waphumela obala ngalokhu enkundleni yakhe yokuxhumana i-Instagram, lapho abonga khona bonke abamesekile eminyakeni ewu-14 ekulo mkhakha.
Wakubeka kwacaca ukuthi uhambo lwakhe ekulingiseni luyaphela. Imizamo yokuthola uKhoza iphunzile njengoba kuvele ukuthi umatasa uqopha iziqephu zalo mdlalo.