21 | Ezemidlalo

Friday, 04 April 2026

Image

NGU-ONALENNA Khonkhobe

Ikilabhu yezokusubatha ifuna ukubonga abaxhasi ngeTwo Oceans Marathon


Kubhekwe izithandani ukuba zenze kahle kulo mjaho

Mzwamandla Zondi

IFUNA ukubonga abaxhasi bayo ngokwenza kahle kwiTotalsports Two Oceans Marathon ezokuba ngoMgqibelo ngo- 05h15 eKapa iPhantane Athletics Club, engenye yamakilabhu enza kahle kwezokugijima eNingizimu Afrika.

 ITotalsports ingabaxhasi bePhantane Athletics, eyenza kahle kusuka kwi-cross country kuya kwi-track and field ne-road running.

Le kilabhu izokube inabasubathi abangaphezulu kwabawu-5 kulo mjaho, ohambisana ne-half marathon, yona ezokuba ngeSonto.

Phakathi kwabasubathi okubhekwe ukuba baphakamise ifulegi lale kilabhu, nguTumelo Motlagale osanda kunqoba iJohnson Crane, uSipho Mbanjwa waKwaNdengezi, owenze kahle kakhulu kwi-track and field, nguCijimpi Moloi ongene unombolo 4 kwiCity to City Marathon, noMahlomola Sekhonyana onegolide kwiComrades Marathon.

Image

NGUSIPHO Mbanjwa.

Kwi-21km, izokube igadla noPontsho Motaung, uCwenga Nose noNgconde Matwebu.

"Ngiyazi ukuthi iTwo Oceans wumjaho onzima kakhulu, kodwa engikubhekile wukuthi abasubathi bami bakwazi ukungena nabokuqala abathathu, noma okungenani ukubuya negolide.

"Ngeke kube lula, kodwa ngiyabathemba ngoba bayalwa. Abanye bakukhombisile lokho kule mijaho edlule abayigijimile," kusho uMdu Khumalo wePhantane.

AbakwaStillwater Sports abasabalalisa ulwazi ngalo mjaho, bakuqinisekisile kwabezindaba ukuthi izingqwele zanyakenye, uGerda Steyn noJoseph Seutloali - ababhekwe ngabomvu ukuba baqhubeke nomgqiqo wabo - zizobe zikhona.

No-Onalenna Khonkhobe oke wayinqoba iTwo Oceans phambilini, uzokube ekhona.

Lo msubathi weNedbank Running Club, uzakhele igama kwezokugijima ezihola  kwiComarades Marathon, baze bamdlula esebheke ePinetown.

UBongumusa Mthembu, uNsindiso Mphakathi, noGivermore Mudzinganyama oke wawunqoba lo mjaho phambilini, nabo bazobe bekhona.

UGivermore uzokube eyibambe nomkakhe, uNobuhle Tshuma, obhekwe ngabomvu ukuba ahlomule ngegolide ngoMgqibelo.

Abanye okubhekwe ukuba benze kahle,  nguNamakoe Nkhasi, uMphatso Nadolo  noSboniso Skhakhane.

Lo mjaho uzokube usakazwa bukhoma kwiSABC esanda kusayina isivumelwano sokusebenzisana ne-Athletics South Africa (ASA).

Izingqwele ze-56km zizogoduka no-R380 000, kanti eze-21km zizothola u-R50 000.