18 | Ezemidlalo

Friday, 10 April 2026

Injabulo kumqeqeshi weChiefs ngakubona eziMpofaneni

Uveza into abebengasayazi kule kilabhu
Image

NGOMUNYE wabaqeqeshi beChiefs, uKhalil Ben Youssef.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

Senzo Sokhela

UJATSHULISWA ngakubona ekilabhini yabo uKhalil Ben Youssef ongumqeqeshi weKaizer Chiefs, ezobhekana neTS Galaxy koweBetway Premiership ngeSonto ngo-15h00 eFNB Stadium, eSoweto.

IChiefs iya kulo mdlalo nje, isinqobe imidlalo emithathu ilandelana.

Ngenyanga edlule - ngaphambi kwekhefu leFifa - iguqise iDurban City ngo-1-0 koweligi, yalandelisa ngeMagesi FC eyihlule ngo-2-0, kanti ngoMsombuluko inenebule i-Orbit College ngo-3-1.

Image

NGABADLALI beChiefs bejabulela elinye lamagoli abawashaye kwi-Orbit College.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

UBen Youssef uthi ujabule ngakubona kwezakhe.

"Ngiyabatshela abadlali bami - ngaso sonke isikhathi - ukuthi iwini ibiza enye, yingakho kumqoka ukuhlala sicabanga ngokunqoba, sikulwele ukuwina.

“Kuyangijabulisa engikubona eqenjini lami. Kunomfutho, bonke abantu bagcwele ukuzethemba. okuyinto ebesingasayazi.

"Akufanele siwone lo moya, kumele siqhubeke nokusebenza kanzima nakulo mdlalo ozayo.
Njengoba ngike ngasho, sibheke umdlalo ngamunye, okunye kuzozenzekela," kusho uBen Youssef.

Isiyonke imidlalo yeBetway Premiership engempelasonto, iqhathwe kanje:
NAMUHLA NGOLWESIHLANU
EMhlathuze Sports Complex: Richards Bay
vs Orlando Pirates 19h30.
KUSASA NGOMGQIBELO
EKing Goodwill Zwelithini Stadium: Golden Arrows vs Durban City 15h00.
EDr Petrus Molemela Stadium: Siwelele vs AmaZulu 15h00.
EPeter Mokaba Stadium: Sekhukhune United vs Magesi 17h30.
EBuffalo City Stadium: Chippa United vs Polokwane City 20h00.
NGESONTO
E-FNB Stadium: Kaizer Chiefs vs TS Galaxy
15h00.
EDr Petrus Molemela Stadium: Marumo Gallants vs Orbit College 17h30.