15 |Β Izindaba
Friday, 10 April 2026
Odabeni oluphume kwiLANGA ngoMsombuluko oluthi: Akeneme ngokungaxhaswa wuhulumeni ukuyokweseka iBafana. Abafundi bethu kwiFacebook baphawule kanje:
NGUMAMA Joy, okuthiwa sichithiwe isicelo sakhe sokuba akhokhelwe uhambo lokuyobuka iWorld Cup.
Bheki Vilakazi:
Uphambene, bazomtshela abangamesabi.
Mzala wezwe lonke MWL:
Umama kabani vele lona?
Mbali Gumede:
Ubesefuna ukubuya nenye indoda?π€π€π€£π€£π€£
Andreas Spikitjo Maphiwana:
Kanti yena uyokwenzelwa kuze kube yinini?
Bongy Masondiya Dlaminie:
Akakhokhe azihambele. Kungani ehlala efuna okwamahhala? Noma kungathiwa bayaqhubeka noxhaso, nabanye abantu bayafisa ukuhamba. Makushintshwane. πππ
Mzamo Brian:
Awudedele thina manje. Uryt kakhulu wena, sewathola nendoda ekuhambeni.
Sindie Nzzua:
Asiyingeni thina, vele asikaze sikhokhelwe lutho.
Nkosinathi Thusi:
Benze kahle banqabe ukumxhasa. Makahlale ekhaya agade abazukulu lo gogo, ayeke ukuzula.
Mandla Mngomezulu Spikitjo:
Sesikhathele vele yizalukazi. Selokhu zavezwa ko-TV sengathi inkulu into ezisenzela yona siyi-SA. Phansi amatende, niyeke ukuphapha lokhu okuniphethe!
Ntando Mdletshe:
Uyalayeka, sewacab' ithambo wajwayela. Makahlale ekhaya agade abazukulu bakhe.
Cebo Bukhosini Mabukhosi Kaiso:
Akasimele bakithi sazi abalandeli bangempela thina.
Zondi Mthokozisi:
Ziyaphela izinto zamahhala. ππ
Nomthandazo Ndlovu:
Ngangihlezi ngizibuza ukuthi laba bantu imali yokuhamba njalo bayithathaphi, kanti batetemuka bhusende.
Sbudah Sbudah Dlamini Mkhize:
Akabuke i-TV njengabo bonke abantu lo mama.
Thuli Khawula:
Hhayibo nathi siyafuna ukuthola amakhehla abelungu. Akusinwe kudedelwana. Uzomkhokhela uPapa Joy. π
Mthokozisi Ndlangisa:
Upheka nini yena kwakhe lo mama elibele yibhola?