14 |ย Izindaba
Friday, 10 April 2026
Odabeni oluphume kwiLANGA ngoMsombuluko oluthi: Kangikaze ngiyekise abazalwane ukudla imishanguzo. Abafundi bethu kwiFacebook baphawule kanje:
NGUMNU Vusumuzi Sibiya nenkosikazi yakhe, bebandla i-Ekhaya Labafundi, KwaMaphumulo.
Sipho Ngcobo Emafakatini:
Kukhona yini akwenzayo noma akushoyo ukunqanda le nto abayenzayo abazalwane bakhe?
Sindi Msomi:
Amasonto ezinsuku zokugcina. ๐ค
Queen KP:
Ushadile kanti? Okomhlaba nje lokho. Akukho husband and wife ezulwini.
Mphazima Sfiso:
Nipheka ngamabhodwe asemhlabeni, nidla ukudla kwase- mhlabeni. ๐๐
Simngele Smah:
Nenzani lapho KwaMaphumulo?
Veli Magubane:
Amasongo kaSigonyela ayamjeqeza.
Kwazikwenkosi Wakwa Mngomezulu:
Laba abayeke ama-ARV, mabaye- kwe, bazonekwa eLANGENI kungekudala. Asidlali la.
Sakhile T Xulu:
Lo muntu usungule into engekho yesonto. Ungasho kanjani ebantwini ukuthi mabayeke okomhlaba, okubenza baphile, kodwa beselapha emhlabeni?
Fidos Guma:
Bazofa laba bazalwane, acebe umfundisi ngama-funeral cover.
Thembi Mlambo:
Kusho ukuthi yintshumayelo yakhe le edale ukuba bayeke konke. Buyelani bantu benkosi ngoba kuzoba kubi.
Ntando Mdletshe:
Udinga iSikebhe nje lowo ngoba ulutha abantu.
Sandile Corrector Dzanibe:
Indaba yesonto nje iyinto engekho.
Peggy Mathebula:
Ukube umthetho bewukhona, lo mfundisi bekumele abolele ejele.
Yenamuntu Nduduzo Ndimande:
Into abazoyigula Simakade! Bazobe sebebuyela esibhedlela, lungasekho kalula usizo.
Mlungisi Dube:
Kumele aboshwe ngoba he incited them to do so.
Udlala ngabantu bakithi lo mfundisi by misleading them. Uyangicika ngoba wenza abantu babukeke njengeziphukuphuku.
Sunday Day Nombika:
Awu! Mina ngeke ngitshelwe yilaba bantu obabonayo njeย kwabona ukuthi kukhona okungaphelele kubona.
Nonhle Buyisile MaMkhize Nxumalo:
Okay siyakuzwa lokho. Yini ndaba ningayeki nokudla umakufanele nidele konke okomhlaba?
Nosipho Shezi:
Kodwa ngiyazi ophile kahle ekhanda akasoze ayeke into ezomphilisa kanye nemali, ayohlala emzini womuntu. Ngumuntu onenkinga ekhanda kuphela ongenza lokhu. Ngudokotela okumele aqinisekise ukuthi mungakanani umonakalo osuwenzekile kubazalwane.