13 | Izindaba
Friday, 10 April 2026
Iyazinza emgwaqweni, emajikeni kanti nasobhuqwini iyakwazi ukuhamba ngaphandle kwezihibe...
ISHAYE IZULE: noZANDILE TEMBE
ISULA izinyembezi zabashayeli ngokonga kwayo uphethiloli iSuzuki Grand Vitara 1.5 GL, njengoba bekhala bengashayiwe ngokunyuka kwenani likaphethiloli.
Ungafunga ukuthi abakwaSuzuki bayipopola iseza ingozi yamanani aphezulu kaphethiloli ngesikhathi bakha lolu hlobo lweSUV encanyana.
Isitayela nokonga uphethiloli kweGrand Vitara GL enenjini engamalitha awu-1.5L, kuzogculisa abashayeli abangabhekile okukhulu emotweni.
ILANGA Lempelasonto lithole ithuba lokuhamba ngalolu hlobo lwemoto isonto lonke, kwaze kwafika nesikhathi sePhasika okusinikeze ithuba elithe xaxa lokuyizwa kahle emgwaqweni.
Lokhu kuphinde kwaqondana kahle nesikhathi samaholide okuvalwa kwezikole, nalapho sithole ithuba lokuhamba ngayo nomndeni uphelele njengoba siyisebenzise kuhambo lwezinkonzo zikaGudi.
Angisho ukuthi abakwaSuzuki sebelakhile igama ngokuba ngenye yezinkampani ezikhiqiza izimoto ongazethemba. Ngiyithole ithembekile emgwaqweni, kanti ilungele kakhulu ukuhamba nsuku zonke ukuya emsebenzini noma esikoleni.
Le moto ingathengwa ngabantu abafuna imoto elula, eyonga uphethiloli futhi enemifakela yesimanjemanje.
Iyazinza emgwaqweni, emajikeni kanti nasobhuqwini iyakwazi ukuhamba ngaphandle kwezihibe.
Ungayithola kusukela enanini lika-R381 900, kanti futhi iza newaranti ephelele yamakhilomitha awu-200,000. Ingaphakathi layo livulekile futhi inendawo eyanele abantu abadala abane. Nathi isanele kahle njengomndeni, nogogo wamadodakazi ami wahlala wanethezeka.
Okumele ukuqaphele uma unabantwana, wukungcola kwezihlalo ngoba zona ziyindwangu, azifani nezesikhumba ozithola kwiGrand Vitara GLX.
Ilungele uhambo olude nomndeni noma ukuvakasha kwesikhashana.
Kwezobuchwepheshe nakhu ozokuthola kwi-Grand Vitara GL; ine-touchscreen ewu-7-inch kanti uyakwazi ukuxhuma iselula yakho ku-Apple CarPlay ne-Android Auto.
IneCruise Control, kanti uyakwazi ukuyikhiya nokuyidumisa ngaphandle kukakhiye. Isibandisi nesifudumezi siyi-manual naku-automatic, inekhamera yangemuva nama-airbag ayisithupha
I-2026 Suzuki Grand Vitara GL iyisinqumo esihle kakhulu kubathengi abafuna imoto ethembekile, eyonga uphethiloli kuphela. Ayandile ngamandla kanti ithatha isikhathi lapho uyinyathela ufuna ukudlula ezinye. Ilungele imindeni efuna imoto evulelekile yokuhamba phakathi kwedolobha namabanga amafushane.