12 | Izindaba

Friday, 10 April 2026

Image

ONGOTI bezempilo bakhuthaza ukuthi umuntu axilongwe uma bekunengozi noma engalimalanga, ukugwema ukophela ngaphakathi.

Kunobungozi ukophela ngaphakathi


Ukungelashwa kokophela ngaphakathi kungadala umdlavuza


Menzi Jele

KUNABANTU okuthi ama besinde engozini, bangayi kodokotela, noma ezibhedlela, ngoba bethi, "baphume bengenamyocu" kuleyo ngozi.

Bazokutshela ukuthi abalimalanga, kodwa batubekile, ngoba kabazange bophe. Kuyingozi ukungayi ukuyoxilongwa noma kuthiwa usinde engozini, ngoba kuyenzeka ukuthi wophele ngaphakathi.

Ukutubeka kusho ukuthi kukhona okonakele ngaphakathi emzimbeni, okudinga kusukunyelwe, ngokuxilongwa ngodokotela.

Image

KUBALULEKILE ukuxilongwa ngabezempilo uma bekunengozi, ukugwema ukophela ngaphakathi.

Imishini ofakwa kuyo (scan), uma uxilongwa, noma kuthiwa usindile engozini, iyawuveza umonakalo ocashile, odaleke ngesikhathi uba sengozini.

Igazi liyopha, lophele ngaphakathi. Lokhu kudala ihlule (clot). Ihlule liba yigazi elishubile, elihamba kancane, ngaphakathi emithanjeni yomzimba. Leli hlule, liyingozi ngoba lizohamba lize liyovala ukushaya kwemithambo yenhliziyo.

Lokhu kuholela ekutheni inhliziyo ime ukushaya, okusho ukufa. Bakhona abantu okuqubuka ukudideka ngedlela abashona ngayo, ngoba kuthiwa lowo muntu, wasinda nje engozini yemoto, kodwa wavele washona ekuhambeni kwesikhathi, engagulanga. 

Lokhu kudalwa wukuthi ihlule selihambe layovala ukusebenza kwemithambo yenhliziyo.

Image

Umdlavuza wobuchopho ungadalwa
wukophela ngaphakathi 

Kunesifo esibizwa nge-intracranial haemorrage, okuwukopha kwegazi elophela ebuchosheni.
Lesi simo siyingozi ngoba singagcina sesidale umdlavuza wobuchopho (brain tumor).

Umdlavuza wobuchopho, kawelapheki, kodwa uyathithibaliseka, udanjiswe. Abanye abantu abalimala bathinteke ekhanda, kodwa bengaxilongwa ngendlela. Lokho ngokombiko weMedi Clinic, kungenza bagcine sebephathwa wumdlavuza wobuchopho.

Umdlavuza wobuchopho udalwa wukuthi kunamahlule abhajwa ebuchosheni, okuthi ekuhambeni kwesikhathi adale umdlavuza wobuchopho.

Umuntu angaba nesifo sokunkenkethelwa yikhanda, uma eke walimala wangakuthola ukwelashwa nokuxilongwa okwanele.

Image

Isifo sokuwa 

I-Haemorrage, ukopha okungaphakathi emzimbeni, okuphazamisa ukusebenza kwemithambo yegazi (blood vessels). Lokhu kungaholela ekutheni kugoqane imisipha, ekuqhubekeni kwesikhathi.

Ukungasebenzi kahle kwemisipha namalunga omzimba, kuholela ekutheni umuntu agcine esenesiyezi, esigcina siba yisifo sokuwa (fits).

Isifo sohlangothi  (Stroke)

Ukutubeka kwezicubu zomzimba nokungahambi kwegazi ngendlela efanele emithanjeni, kuholela esifweni sohlangothi (stroke).

Kusuke kuphazamiseke ukusebenza kwemithambo ehambisa igazi ezingxenyeni ezahlukene zomzimba. Ukungaxilongwa ngemuva kokuvelelwa yingozi, kungaholela ekutheni umuntu agcine esene-stroke ekuhambeni kwesikhathi.

Ukuhuzuka (bruise)

Amazinga okuhuzuka (bruise) kawafani ngoba kungabonakala kuwukusuka kwesikhumba, kodwa okunye kusuke kuhambisana nokopha okungaphaka-thi emzimbeni.

AbakwaMedi Clinic, bakhuthaza ukuthi umuntu ovelelwe yingozi noma ingathathwa njengencane kangakanani, aphuthume ayoxilongwa ukuthi akophele yini ngaphakathi.

Ulwazi lucashunwe kwiMedi Clinic journal 
menzi.jele@ilanganews.co.za