10  | Ezikaqedisizungu

Friday, 10  April  2026

Woza Nazo Mzala

Image

Kanti kawudeli yini 
Mama Joy?

 EWU, nabanye bazoke bathole ithuba lokutetemuka ngemali yabakhokhi bentela. Kunini uMama Joy ezenzela ngezimali zethu, eya emazweni aphesheya kwezilwandle?
Wagcina esezitholela nekhehlana lakhe khona lapho. 

Iyangixaka nokho lento yokukhala kwakhe ngokuncinshwa ithuba lokutetemuka. Kanti bese kuthiwa umcebo wakini yini lo? Hhayi bo ubokhala ubuyele nganeno, sizokhala ngosopolitiki, siphinde sikhale ngawe futhi?

 Yehlisa umoya ntombo, isinqandamathe sakho sizokutetemukisa.

Image

Xola phela Sgqemeza, ukhalise okwendoda....

 INGIPHATHA kabi le yokubona uDJ Sgqemeza elokhu ebalisa ezinkundleni zokuxhumana ngendlela ahambe ngayo oKhozini FM.

Nsizwa yakithi, ngikholwe uma ngikutshela ukuthi ngeke weswele lutho, phela emsebenzini kusuke kungashiwongo ukuthi uzohlala khona ingunaphakade.

Yebo, kubuhlungu ukuphelelwa yiphalishi lezingane. Kodwa phela musa ukugadla kuze kubonakale ukuthi inhliziyo iyansonsotha, nezitha zoze zisizakale.

Image
Image

Le yokuthi zalanani nande yisisho sakudala mfoka Phakelumthakathi...

UMZALA uyawuthanda umkhankaso wesekela lomdidiyeli wamabutho KwaNongoma uPhakelumthakathi, wokuxosha abokufika abaseNingizimu Afrika ngokungekho emthethweni.

Kodwa-ke la sishayisana khona, yila ethi kawuyinsizwa yalutho uma unezingane ezimbili. Hhawu hhayi bo, uthini manje mfoka Ndabandaba 😳😳, phela isimo somnotho kasisavumi ukuthi sizalane sande ngaleyo ndlela.

Lento isimayelana nokuqina kwephakethe ndoda, hhayi ngoba sintekenteke.