06 | Izindaba
Friday, 10 April 2026
Kulobe:
uLucky Cain
Ezemisakazo
Lo mcimbi uzokwandulelwa yidili lomculo ozoba sePeople's Park...
NguLawrence Maleka ozoba ngomunye wabethuli bamaMetro Awards, eThekwini.
ULANGAZELELE ukubona ozogoduka nendondo yeBest Maskandi koweMetro FM Music Awards, uLawrence Maleka ozobe engumphathi wohlelo kulo mcimbi wokuklomelisa abaculi ozobanjelwa eNkosi Albert Luthuli International Convention Centre, eThekwini ngomhla ka-25 kwephezulu.
ULawrence umenyezelwe njengozophatha uhlelo kulo mcimbi ngokubambisana nesibabuli somsakazi weMetro FM, uLerato Kganyago.
Ekhuluma neLANGA Lempelasonto ngokuthola ithuba lokuphatha uhlelo kulo mcimbi uLawrence, uthe uzizwa ejabulile, iTheku lifana nekhaya lakhe lesibili, njengoba unina ungowokudabuka KwaMashu.
"EThekwini kusekhaya, kuhlale kuyintokozo ukuya khona noma ngabe ngiye ngomsebenzi noma ngizovakasha," kusho uLawrence oseke waphatha uhlelo emicimbini eyahlukene emikhulu.
Phakathi kwezinhlelo uLawrence azakhele udumo ngazo kubalwa oweSAFTA, iClash Of The Choirs, iBig Brother Mzansi, iFriends of Amstel kanti nasemkhakheni wokulingisa uke walingisa emdlalweni iThe River.
Uthe nakuwona lo oweMetro FM Awards, ubheke ukuba aqhubeke nokuqhakambisa ithalente lakhe lokuphatha izinhlelo.
"Ukuphatha uhlelo emcimbini onjengalo, kumele uzilungiselele nokuhlangabezana nezigameko ezingalindelekile. Yikhona okwenza kuhlale kuthusa ngoba usuke ungazi ukuthi zizofika nini, futhi kanjani," kusho uLawrence.
Uthe nakuba kunjalo, uyakuthokozela ukwethula izinhlelo phambi kwabantu ngoba yilapho ekwazi khona ukuveza ithalente lakhe kulo mkhakha. Uthi lo msebenzi ufike esathathe ikhefu elincane kulo mkhakha.
Uthe kuningi akulindele ngosuku lo mcimbi, kodwa okuseqhulwini wukubona ozogoduka nendondo yeBest Maskandi neBest Lekompo.
"Uyabona uma ukhuluma ngomaskandi, awusekho mkhulu KwaZulu-Natal kuphela, kodwa usungenisile ezindaweni ezahlukene nezwe. Ngiyazi ukuthi abalandeli bakamaskandi bathembekile, futhi bayazibophezela uma bekholelwa kumculi wabo," kusho uLawrence.
Uthe kukanjalo nakwiBest Lekompo, okuwuhlobo lomculo oludlisela ogageni lwaseLimpopo elugabe ngabaculi abafana noMakhadzi noShebeshxt.
NguMzukulu noKhuzani abancintisana emunxeni weBest Maskandi, kumaMetro Awards.
Kulo mcimbi eminxeni weBest Maskandi kuncintisana uKhuzani, uMzukulu, uSiya Ntuli, Umafikizolo noSminofu.
Lo mcimbi uzokwandulelwa yindumezulu yomcimbi ozobe uxube izinhlobo ezahlukene zabaculi ozobanjelwa ePeople's Park eMoses Mabhida.
Kowokwandulela kuzobe kuboshelwe abaculi noDJ abanohlonze okubalwa kubo uMthandeni SK, Khuzani, Umafikizolo, uYoung Stunna, uTira, uLamiez Holworthy, uDanki Boi, uSox, uDrega, uDladla Mshunqisi, iBig NUZ, uSami Kay, u-Amenisto, uLerato Kganyago, uBenny Maverick nabanye abaningi.
Amathikithi ale micimbi ayatholakala ngokwehlukana eComputicket naseWebtickets ngamanani ahlukene.