03 | Izindaba

Friday, 10 April 2026

Image

NGUZIMIPHI "Zimdollar" Biyela.

Isiqale phansi eyokujikijelana ngamazwi phakathi kukaZimdollar noMthandeni SK

Nhlanhla Hudla

BAYAQHUBEKA nokuphonselana ngamazwi osaziwayo abake baba yinkukhu nempaka phambilini, uZimiphi "Zimdollar" Biyela, noMthandeki "SK " Manqele, njengoba kusabalele izinkulumo zalaba ababili ezinkundleni zokuxhumana.

Ingxabano yalaba yagqama ngesikhathi somcimbi ohlelwa nguZimdollar, i-Mother Of All, eminyakeni emibili edlule.

UMthandeni waphucwa  umbhobho (microphone) nguZimdollar engena nje esiteji, kubangwa ukuthi uMthandeni wafika emcimbini sesidlulile isikhathi okwakumele anandise ngaso, kodwa waphoqa ukungena esiteji acule, ngaphandle kwemvume yomnikazi womcimbi (uZimdollar).

Lokho kwenza uMthandeni wagcina ememezela ukuthi uyashiya emicimbini kaMaskandi, ezobe ibanjelwe eThekwini, ngenxa yalesi sigameko, njengoba kwaputshuka i-video esikazwa ngempama nguZimdollar, emxosha esiteji. 

Ezinsukwini ezimbalwa uZimdollar ememezele ukuthi uyashiya ekubeni ngumphathi wezinhlelo emicimbini kamaskandi, uMthandeni SK (
osesithombeni esingezansi), ubhale ekhasini lakhe ukuthi (Finally), abaningi abakuchaze njengokuthi uthi, liphume nobomvu.

Ziqhubekile izinkulumo njengoba kukhona nombhalo obhalwe nguZimdollar othi, "inja uma sewuyithuma uphuthu, kuklewula yonke imidlwane yayo, ekubeni kade isineka ingidelela.

Image

"Klifiklifi, bekudlalwa nje. Anoke nikhuzane, niyeke ukuhlomekisana, " kubhale uZimdollar.

ILANGA Lempelasonto
likhuluma noMthandeni, uthe namanje yena akananxa noZimdollar, futhi akaxabane naye.

"Namanje akukho ngempela engingakusho ukuthi siyakubanga. Kuningi osekwenzeka, kodwa ngeke ngisho ukuthi yini esiyibangayo. Ngicabanga ukuthi kukhona inkinga anayo, engingayazi noma unemfihlo yakhe eyaziwa nguyena, ngeke ngazi.

"Nasekuqaleni ngabona sengiboshwa, kodwa ngingazi ukuthi kwenzekani. Engikwaziyo wukuthi kulo mkhakha esikuwo, kubuye kungcwekwe, kodwa ezinye izinto uzibona sezihamba ngenye indlela, ubone ukuthi kukhona asebesebenzisa ithuba lokufeza izinhloso zabo," esho.

Imizamo yeLANGA Lempelasonto yokuthola ukuphawula kukaZimdollar ihlulekile.

Kwenzeka lokhu nje, uZimdollar kulindeleke ukuba abe ngumphathi wezinhlelo okokugcina emcimbini ozokuba se-Carnival City, eGoli, ngomhla ka-2 ku-May, emgubhweni weBlue Nation, okungabalandeli bakaKhuzani "iNdlamlenze" Mpungose.

UMthandeni kulindeleke ukuba abe ngomunye wabaculi abazobe besemcimbini wamaMetro FM Awards, azokuba ngomhla ka-25 kwephezulu.