02 |Izindaba
Friday, 10 April 2026
UZWAKALISE ukukhathazeka ngezinombolo zabashayeli abathola izincwadi zabo ngokugwaza nenkohlakalo, uNgqongqoshe wezokuThutha eKZN, uMnu Siboniso Duma (osesithombeni esingenhla).
UDuma ukusho lokhu ngoLwesine ngesikhathi kuboshwa obefundela ukushayela nobemfundisa, ngezinsolo zokugwazelana ngo-R1 800, esigamekweni esenzeke eMkhondeni, eMgungundlovu.
UDuma uthi ukholwa wukuthi ukwanda kwezingozi emigwaqweni yaKwaZulu Natal, kwandiswa wukutholwa kwezincwadi ngenkohlakalo.
Uthi imibiko abayitholayo iveza ukuthi abashayeli abalinganiselwa ku-50% emigwaqweni yakuleli, bathola izincwadi ngayo inkohlakalo nokugwaza.
"Nanoma yisiphi isisebenzi somnyango okuzotholakala ukuthi senza lolu hlobo lwenkohlakalo, sizothathelwa izinyathelo ezinqala, sisetshenziswe njengesibonelo ukuxwayisa nabanye ozakwabo. Isikhathi senkohlalakalo sesiphelile manje," esho.
UMNYANGO wezaseKhaya uthi sinyukele isibalo sokubuyiselwa emakubo kwabokufika abebekuleli ngokungemthetho kunyakamali ka-2025/26.
Lokhu kuvezwe nguNgqongqoshe walo mnyango, uMnu Leon Schreiber.
USchreiber uthi kulo nyakamali isibalo sabokufika ababuyiselwe emazweni abo, sisuke ku-39 672 safinyelela ku-57 784.
Uthi izihlelo ezintsha zokunqanda ukungena kwabokufika ngokungemthetho, okubalwa kuzo ukusetshenziswa kwama-drone nama-body cam, kwabaqaphe imingcele, zinomthelela omuhle ekwenyukeni kwalezi zibalo.
Uthi kunyakamali ka2024/25 uhlangene no-2025/26, bahambise abokufika abacela ku-110 000.
"Lezi zibalo zikhombisa ukuthi iyasebenza imizamo yethu yokulwa nabokufika abakuleli ngokungemthetho.
Ngezinhlelo zethu okubalwa kuzo iOperation Shanela entsha, nokuqinisa ukusetshenziswa kwamalunga omzimba (biometric verifications) emingceleni yethu, kusilekelelile ekwenyuseni kwethu inani lababuyiselwa emazweni abo, lafinyelela ku-46%," esho.
UTHI bahlose ukunqoba komasipala ababuswa ngokubambisana, okhethweni lohulumeni basekhaya, okulindeleke ukuba lube ngasekupheleni konyaka, uMengameli we-IFP, uMnu Velenkosini Hlabisa (osesithombeni esingenhla).
UHlabisa ohola le nhlangano ehola omasipala abawu-19 ngokuzimela, newu-7 ngokuba-mbisana, uthi inhlangano seyibabonile omasipala i-IFP enedumela kubo, okungaba lula ukuthi izidlele amahlanga kubona.
Uthi lokhu kufakazelwe nawukuthi kule minyaka le nhlangano seyinqobe amawadi angaphezu kuka-40, ngokhetho lokuchibiyela.
"Omasipala esibabusayo sabahlwitha kwamanye amaqembu, okwakuwuphawu lokukhula kweqembu nokulandelwa kwalo ngabantu.
"Okhethweni lwakulo nyaka, sibeke kakhulu ukunqoba komasipala ababuswa ngokuba- mbisana.
"Sesibabonile abanye babo, kodwa ngeke ngibabale ngamagama ngoba kungaze kuvuke nabalele kubo," esho.
AZOVUMELEKA kuze kube umhla ka-14 kuMay, ukuba aphawule, abeke nemibono yawo ngomthethosivivinyo omusha, wokuvikela izimpimpi, i-Protected Disclosures Bill, amalungu omphakathi.
Lokhu kuvezwe nguNgqongqoshe wezoBulungiswa, uNkz Mmamoloko Kubayi (osesithombeni esingenhla), ngoLwesine, ngesikhathi ethula ngokusemthethweni lo mthethosivivinyo.
Uthi inhloso enkulu yalo mthetho wukuvikela abafisa ukuphumela obala ngenkohlakalo eyenzeka ezinhlakeni zikahulumeni, nakulezo ezizimele.
"Uhulumeni wethu uzama ngazo zonke izindlela ukulwisana nenkohlakalo. Yingakho kubalulekile ukuthi abantu abaveza inkohlakalo, kufanele bavikelwe.
"Sizibonile izinto ezimbi zehlela abantu ababephumela obala ngenkohlakalo.
"Phakathi kwabo singabala uBabita Deokaran, owaveza inkohlakalo eMnyangwe- ni wezeMpilo, eGoli, uMartha Ngoye wasePrasa nabanye.
"Abanye balahlekelwa yimisebenzi nemizi, kwesinye isikhathi kube yimpilo yabo. Sinethemba lokuthi baningi abazovikeleka ngalo mthetho.
"Abafisa ukuphawula, bangawuthola lo mthetho kwi-website yoMnyango wezoBulungiswa," esho.