02 | Izindaba

Friday, 09 October 2026

Ezifingqiwe


01


AbeSassa nemizamo yokugwema ukuholelwa  kwabangafanele

IKOMIDI elibhekelele uMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi, lifuna uhlaka lwawo olubhekele ukukhokha izibonelelo, iSouth African Social Security Agency (Sassa), nemizamo yokugwema ukuholelwa kwabantu abangafanele.

Lo mbiko ukhishwe nguMcwaningimabhuku-Jikelele, othi kunyakamali ophelile iSassa ilahlekelwe wu-R211 million, okuthiwa ubuholwa ngabangafanele.
USihlalo waleli komidi uNkz Bridget Masango,
uthi lokhu kuyabakhathaza.


"Umbiko uveza ukuthi kunezisebenzi zikahulumeni nabantu osekunesikhathi bashona, abasahola. Lokhu kuqubula imibuzo ngokuthi lolu hlaka lusebenza kanjani.

"Sifuna umnyango neSassa basinike umbiko wokuthi le nkinga izolungiswa kanjani.


02


Image

Ukhuthaza izakhamizi ukungakwesabi ukuphathwa ngabamhlophe

OGAQELE esobuMeya kuMasipala waseMngeni, uMnu Christopher Pappas (osesithombeni esingenhla), unxuse izakhamizi zakuleli ukuba ziyeke ukuba novalo lokuba nabaholi bezombusazwe abamhlophe.

UPappas ovele oyiMeya yaseMngeni, kusuka ngo-2021, uthi nakuba ekuqonda ukuthi iNingizimu Afrika inomlando ongemuhle ngokuphathwa ngabamhlophe, kodwa leso sikhathi sesadlula, futhi ngeke sisabuya.

"Amanxeba avuleka ngesikhathi kuphethe abamhlophe kawakavaleki nanamuhla, kodwa akumele sibambelele kuwona.

"Engikwenzayo mina ebuholini bami, wukukhombisa izakhamizi zakuleli ukuthi ukuhola kwezombusazwe akuyi ngesikhumba, kodwa kuya ngokuthembeka nokwenza umsebenzi ngendlela efanele," esho.

Usole namanye amaqembu ezombusazwe asebenzisa ubuhlanga uma ekhankasa. Uthi ubandlululo ngeke lubuye kuleli.

Wenze isibonelo ngeminyango kahulumeni eholwa ngabamhlophe, wathi ikhombise ukwenza kahle kakhulu.


03


Image

"Akukho okuhlanganisa uMchunu noMatlala"  - ikomidi lePhalamende

IKOMIDI lePhalamende lesikhashana eliphenya ngezinsolo zokugxambukela kosopolitiki emsebenzini wamaphoyisa, lithi lithole ukuthi akukho okuhlanganisa uNgqongqoshe wamaPhoyisa omisiwe, uMnu Senzo Mchunu (osesithombeni esingenhla), nosomabhizinisi oboshiwe uMnu Vusimuzi "Cat" Matlala.

Lokhu kuvele ngesikhathi leli komidi liqedela umbiko wophenyo lwawo ngoLwesithathu.
 
Lithi nakuba ubufakazi obethulwa ngusomabhizinisi waseNorth West, okuthiwa uyilungu eliqavile le-ANC, uMnu Brown Mogotsi, baveza ukuthi uMatlala nguyena owakhokhela izindleko zethimba okuthiwa laleseka uMchunu, zokuya emgubhweni waminyaka yonke we-ANC, iJanuary 8, kodwa akukho okuhlanganisa uMchunu noMatlala.

Kulobu bufakazi uMchunu wakuchitha ukwazana noMatlala noMogotsi, kodwa ekuhambeni kwesikhathi, esephekwa ngemibuzo, wavuma ukuthi uyamazi uMogotsi, hhayi uMatlala.

Kuwo lo mhlangano, amaqembu ezombusazwe iMKP, yi-DA ne-PA, aphakamise ukuthi kuphenyisiswe ubudlelwano bukaMchunu noMogotsi, i-ANC yaphikisana nalokho.


                      04


Image

Ungqongqoshe uchithe amahlebezi  ngolwezimvume zabokufika kuleli

IKOMIDI longqongqoshe elibhekelele udaba lwabokufika kuleli, lithi isinqumo seNkantolo yoMthethosisekelo sakamuva, kasisho ukuthi abokufika abakuleli ngokungemthetho sebezozitholela kalula ubuzwe baseNingizimu Afrika, noma imvume yokuhlala kuleli ngaphansi kohlelo lokuhlalisa ababalekele izimpi emazweni abo.

Lokhu kuvezwe nguSihlalo waleli komidi, onguNgqongqoshe wezoBulungiswa uNkz Mmamoloko Kubayi (
osesithombeni esingenhla).

NgoMsombuluko, iNkantolo yoMthethosisekelo inqume ukuthi abokufika bangaya emahhovisi e-Home Affairs bayobhalisela ukuthola ubuzwe noma imvume yokuhlala kuleli, uma bebalekela izimpi emazweni abo.

UNkz Kubayi uthi lokhu akusho ukuthi abokufika kumele bangayihloniphi imithetho yakuleli.