11 |ย Ezikaqedisizungu
Friday, 08 May 2026
ย LENTO ENHLE LE... โค๏ธ๐๐ย ย
Ndoni yamanzi, muntu omuhle, nomkhubulwane bathi inhliziyo iyayazi indlela futhi ayiphakelwa. Sengibasathe ngiyazibamba lutho akuvumi ngithule๐ค๐ค๐ค. Ubuhle bakho nebala lakho, kungenza ngifise ukubabikela ekhaya ukuthi sengisitholile isibani esizokhanyisela eyami inhiliziyo.
Ngisola ukuthi amaZulu avulekile nakhu ngibona ingelosikazi inyathela emhlabeni. Leli lamba lidlile nguGenevieve Kuna, waseCameroon. Yintokazi ethi idlala ngazo ezobuchwepheshe kanti nakwimfashini, iyawudla ukotini. Ithi ikholelwa ekutheni okufunayo uyakukhuluma kwenzeke.
Ngithanda ukuzethemba kwakho mina bhebi. Ake ukhulume le yokuthi ucu luhlangane, mina nawe sithengelane loswidi okuthiwa izulu motho. Ngifuna lo obhalwe ukuthi: "Ngithi manqa." ๐ Sengathi elakithi lingangigidela bo, kulunge.
Sengojamela zona izithombe lezi ngethemba lokuthi ngelinye ilanga ngiyonethezeka nawe ezihlabathini zolwandle kwelikaBhanana. Kodwa kayiphumule mama inhliziyo yami. Angisale sengithi nje, mncwah mncwah! ๐