09 | Izindaba
Friday, 08 May 2026
Bafisa ukubambisana neminyango kahulumeni nezinhlangano ezizimele ukusiza intsha...
Bazimisele ukufundisa cishe ngazo zonke izingqinamba intsha ebhekana nazo okuhlanganisa izidakamizwa, ubugebengu...
Yithimba le-Imvelo Social Development nabasakazi boKhozi FM.
Lucky Cain
KUSUKUMISE izintandokazi zabalingisi ukwanda kwezigameko zobuqhwaga nokuhlukumezana kwezingane ezikoleni zakuleli.
Abalingisi uMenzi Biyela, uSwazy Mokoena, uNdumiso Dlamini, uThembinkosi Thwala nomculi weHip Hop uMpumelelo Gumbi owaziwa ngelikaShon G basungule inhlangano engayenzi inzuzo ngenhloso yokulwa nalesi sihlava nezinye izingqinamba ezibhekene nabafundi namalungu omphakathi jikelele.
Ngokusho kukaBiyela oseke wabonakala emidlalweni eyahlukene kumabonakude, basungule le nhlangano ebizwa ngokuthi Imvelo Social Development ukuze bakwazi ukuqwashisa nokukhuza lo mhlola emphakathini.
"Siqale umkhankaso esiwubiza ngeBullying Awareness School Tour lapho sihambela khona izikole sixwayisa futhi siqwashisa ngalo mkhuba osubhokile ezikoleni.
Uthe ngenxa yezingqinamba abahlangabezana nazo, kuyaphoqa ukuba izikole bazikhokhise.
"Empeleni besingafisi ukuthi izikole sizikhokhise kodwa kuyasinda ukuhambela izindawo njengoba sinezidingo ezahlukene njengophethiloli nezindawo zokulala uma sihambele izindawo ezikude.
Kungakuhle ukuthi omasipala, yiminyango kahulumeni nezinkampani ezizimele zikwazi ukubambisana nathi sikwazi ukufinyelela ezikoleni eziningi ikakhulu ezisemakhaya ngaphandle kokuthi zize zikhiphe imali," kusho uBiyela.
NguBhekisizwe Mahlawe nomculi uShon G, kweminye yemikhankaso yenhlangano engayenzi inzuzo Imvelo Social Development eqwashisa abafundi ngokuhlukumezana.
Uthi uma befika ezikoleni baba nomdlalo weshashalazi othatha imizuzu eyishumi, bese kuba nomlingisi uBhekisizwe Mahlawe owethula inkulumo ekhuthazayo kuphinde kukhulume no-Aphelele Sixikixa obegwetshwe iminyaka ewu-15 ejele oqwashisa ngobugebengu.
Uthe kuyabakhuthaza ukubona ziqhubeka nokwanda izikole eziwuthakaselayo umkhankaso wabo.
"Ziningi nezinye izihloko esizongena kuzona ngokuhamba kwesikhathi okubalwa kuzo ukukhulelwa kwezingane (teenage pregnancy), izidakamizwa, ubugebengu nokunye okuthinta intsha," kusho yena.
Uthe ngaphansi kwenhlangano yabo sebeke bahambela nasemajele lapho befike baqeqesha khona iziboshwa ngalo mkhakha, bazifundisa ngomculo futhi bazikhuthaza ukuze ziphume sezicabanga ngendlela ehlukile ezozithuthukisa.