07 | Izindaba
Friday, 08 May 2026
Uzotoka endaweni eyimfihlo...
Izinsolo ezibudlabha zimlahlekisele ngethuba lokuthola ibheyili...
NguFadiel Adams eboshwa, esesevenini.
Mthokozisi Dlomo
UZOTOKA endaweni eyimfihlo uMnu Fadiel Adams, oyilungu lePhalamende nomsunguli weqembu iNational Coloured Congress, kuze kube wuLwesithathu oluzayo lomhla ka-13 kuMeyi, lapho ezofaka khona isicelo sebheyili.
U-Adams ubevele eNkantolo yeMantshi yasePinetown ngoLwesine, kulandela ukuboshwa kwakhe eCape Town ngoLwesibili, maqede kwaphela amahora amaningi ehanjiswa ngeveni eThekwini ukuyobhekana namacala athweswe wona athinta inkohlakalo nokuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho.
Usolwa ngokugxambukela ophenyweni lwamaphoyisa odabeni lokubulawa kukaMnu Sindiso Magaqa owayengumholi we-ANC Youth League, owadutshulwa ngo-2017.
NguMnu Sindiso Magaqa owayengumholi we-ANC Youth League, owadutshulwa ngo-2017.
Inkantolo inqume ukuba angagcinwa esikhungweni samaphoyisa ngenxa yezinto abelokhu ezisho ngawo, ewasola ngenkohlakalo. Ngisho nangesikhathi eboshwa, esesevenini, ubelokhu ethi unesiqiniseko sokuthi la ayiswa khona uyoshaywa ngamaphoyisa.
Nakuba abameli bakhe bethe bese bekuvivele ukufaka isicelo sebheyili, umbuso uthe udinga isikhathi ukuqinisekisa imininingwane ka-Adams nezinye zezinto abezisho kwabezindaba.
UBrig Athlenda Mathe, okhulumela amaphoyisa kuzwelonke, uthe bebengenalo ikheli eliqondile lapho ahlala khona.
Enkantolo kugqame ukuthi ukuziphatha kuka-Adams nezinsolo abezenza budlabha yizona ezimlahlekisele ngethuba lokucela ibheyili njengoba umbuso uthe kumele uzibhekisise ukuze uzisebenzise ukuphikisa ukudedelwa kwakhe. Ekhuluma nabezindaba u-Adams ngaphambi kokuboshwa kwakhe, ubesho aze aqholoshe ukuthi ukuboshwa kwakhe yingoba uyacindezelwa ngenxa yokuzama ukuveza inkohlakalo emaphoyiseni.
NguFadiel Adams esenkantolo ePhayindane.
Izinkinga zika-Adams zisukela ekuvakasheleni kwakhe inkabi uSibusiso Ncengwa, ejele laseWestville eThekwini, lapho idonsa khona isigwebo seminyaka ewu-25 ngokubulala uMagaqa.
Kuvela ukuthi ohambweni lwakhe olwaluya eWestville, u-Adams, wayephelezelwa ngamaphoyisa ahamba ngezimoto ezinamalambu aluhlaza, kanti lokhu kuthiwa kwakungagunyaziwe njengoba wayeziyele ngezizathu ezingahlangene nomsebenzi wakhe.
Uma ezihlangula, uthi waya ukuyoxoxa noNcengwa ngoba ebona ukuthi amaphoyisa ahudula izinyawo ophenyweni lwawo.