06 | Izindaba
Friday, 08 May 2026
Mthobisi Sithole
UZA nomnikelo wokubamba iqhaza ekuthuthukisweni kwenyuvesi ushansela omusha oqokwe enyuvesi yaseZululand. Le nyuvesi iqoke ushansela omusha u-Apostle uDkt Collins Dhlomo (osezithombeni) webandla iCovenant Fellowship Church International (CFCI).
Isitatimende senyuvesi, sithi kuqokwe yena ngenxa yohambo lwakhe lwempilo futhi inyuvesi ikholelwa ekutheni uzobamba iqhaza elimqoka kulesi sikhungo.
U-Apostle Dhlomo uzoqala ukwenza umsebenzi wakhe kule nyuvesi njengoba kuzobe kwethweswa iziqu izitshudeni emicimbini ezoqala kule nyanga KwaDlangezwa, eMpangeni.
Kuvela ukuthi u-Apostle Dhlomo ufunde kuyona le nyuvesi, uke wasebenza khona futhi. Uneziqu zeDiploma kwezobuthishela, wayegxile kwiMaths nomculo.
Uhlonishwe yiyo le nyuvesi ngeDegree. Echaza ngokuqokwa kwakhe u-Apostle Dhlomo, uthe uzibona ehlonipheke kakhulu ngalesi sikhundla esisha anikezwe sona. Uthi usuka kude nayo.
"Sinokuxhumana okuhle nenyuvesi, okusho ukuthi umsebenzi enginikezwe wona kufanele ukhulise inyuvesi, ithuthukiswe nasekuguqulweni kwayo ukuze iqhubeke nokwakha ikusasa eliqhakazile lesizukulwane esizayo," esho.
U-Apostle Dhlomo ugqame kakhulu ngebandla lakhe i-CFCI eselikhule laze lavula amagatsha nakwamanye amazwe kuwona.
Ngaphansi kobuholi bakhe kuleli bandla, ibandla linamalungu angaphezulu kuka-15 000 okubalwa nabaholi abaqavile abakhonza kulona kanti noMengameli wezwe uMnu Cyril Ramaphosa uyalivakashela ngezinkonzo zePhasika.
Inyuvesi ithi u-Apostle Dhlomo ubonakala ezibophezele kwezemfundo ikakhulukazi ebandleni lakhe, uyalishumayela ivangeli lemfundo entsheni ekhonza kulona akagxili kuphela ezwini lenkosi.
Ithi uneqhaza elikhulu ekwakheni abaholi bakusasa abahloniphekile nabafundisekile ngenkolo nemfundo.
U-Apostle Dhlomo ungumbhali wezincwadi ezine, kanti nakwamanye amaphephandaba amakhulu kuleli, unezingosi zenkolo.
mthobisis@ilanganews.co.za