04 | Izindaba

Friday, 08 May 2026

Image

UMFUNDI wase-University of KwaZulu-Natal, uNontuthuko Dlamini (24), ukhale emahlombe kanina evukwa wumunyu wosizi lwakubo ngesikhathi ethweswa iziqu.

ISITHOMBE NGABE: UKZN

Ukhihle isililo ekhumbula usizi lwakubo obethweswa iziqu 


Uye emcimbini eswele ngisho imali yokulungisa ikhanda, ukuze abukeke kahle

Mthobisi Sithole

UKHIHLE isililo phambi kwezihlwele ethweswa iziqu, eswele izimpahla zokugqoka nemali yokulungisa ikhanda, ukuze abukeke kahle phambi kwezinye izitshudeni nabazali. 

UNontuthuko Dlamini (24), waseMgungundlovu obethweswa iziqu zeHonours Degree kwiSociology, uvuse umunyu kwabaningi echiphiza izinyembezi ngoLwesithathu, ekhalela emahlombe kanina kulo mcimbi weziqu ophikweni lwaseWestville, eThekwini.

Ukusabalala kwezithombe zakhe ezinkundleni zokuxhumana, ebezikhombisa isimo sakhe sokuxakeka, kwenze ukuba kube khona abafisa ukulula isandla, bamxhase ngezimpahla, nokukhokhelwa kokushuthwa kwezithombe zakhe zomcimbi weziqu njengoba kungenye zezinto ezimba eqolo.

Ngokwesitatimende senyuvesi, uNkz Dlamini ukhule kanzima ebamba amatoho. Kuvezwe ukuthi ubekhuliswa ngunina.

Yena utshele umthombo wabezindaba wasenyuvesi ukuthi unqume ukuzijuba waya kulo mcimbi, nakuba isimo sakubo singahambi kahle.

"Bekunzima ukuba ngingabikela umama ngezidingo ekubeni ngisazi isimo sasekhaya. Nginqume ukuthi ngiye emcimbini ngalezi zimpahla enginazo. 

"Obekubalulekile wukuthi ngibekhona emcimbini, ngoba ngicabanga ukuthi mhlawumbe ngokokugcina kwenzeka empilweni yami," kusho uNontuthuko.

Utshele abezindaba ukuthi kuvuke zonke izinsizi abebhekene nazo ngesikhathi efunda, wakhumbula nemuva lakubo, okuyikhona okumenze wafikelwa yizinyembezi.

"Ngikhaliswe wukuthi ekugcineni kwemfundo yami, umzali ubonile futhi uyaziqhenya ngemizamo yakhe angenzele yona ukuze ngifinyelele esigabeni sokuphothula, ngithweswe iziqu," kusho uNkz Dlamini.

Ohambweni lwakhe lwemfundo kule nyuvesi, ubonge uthishela wakhe uDkt Siphamandla Sithelo, omxhase ngendawo yokuhlala, nesitshudeni abehlala naso endlini uNkz Khethukuthula Khoza, ebesimsiza ngokudla nezinye izidingo.

"Ngibonga obengilekelela (supervisor) ezifundweni ngokuthi angigqugquzele nokuthi ngihambe abeluleki bomqondo," esho.

Ukhuthaze nezinye izitshudeni ezibhekana nezinkinga zokuswela imali phakathi nohambo lwemfundo yazo ukuba zingalilahli ithemba.
mthobisis@ilanganews.co.za