04 | Izindaba

Friday, 8 August 2025

IMambazo nesigqi esehlukile sokugubha 65 weminyaka emculweni


Ibophele abaculi abahlukene okubalwa uNduduzo Makhathini, uMbuso Khoza noDJ Maphorisa...

Image

 Ngamalungu eLadysmith Black Mambazo.

Thandi Zondi 

LENZE okwehlukile iqembu elihlonishwa umhlaba wonke, iLadysmith Black Mambazo lihlanganisa izinhlobo ezahlukene zomculo waseNingizimu Afrika, njengoba ligubha iminyaka ewu-65 lasungulwa.

Leli qembu lisebenzisane nongumqambi aphinde abe yi-jazz pianist osewine inqwaba yezindondo uDkt Nduduzo Makhathini, noMbuso Khoza oyisazi somlando nomculi wamahubo, ne-jazz.

Echaza uXolani Majozi oyiMenenja yeMambazo uthi: "Sihlale phansi sabheka ukuthi yini ehlukile esingayinika abalandeli, into okuzoba ngeyokukhumbula ibanga eselihanjwe yiMambazo. Into ezofundisa iphinde ishiye nolwazi esizukulwaneni esiza ngemuva. Yilapho-ke esibe sesithinta khona uDkt Nduduzo Makhathini ukuze adidiyele le album," esho.

Image

 NguNduduzo Makhathini.

Uthi baqoke ukuthi benze i-album ezoba nezingoma eziwu-10, ezotholakala kuzo zonke izitolo zomculo futhi igcine ifinyelele naphesheya kwezilwandle. Kabagcinanga ngokufaka lezi zingwazi ezimbili emculweni, bafake noDJ Maphorisa ukudonsa nentsha.

"Ukudonsa intsha kulolu hlobo lomculo, sithe asifake namapiyano, sizobheka nabanye abaculi abenza kahle emculweni ukuze intsha isondele. Lokho akusho ukuthi sihlehlile emculweni iMambazo eyaziwa ngawo, kodwa siletha okwehlukile.

"Abantu bazozwa umnkenenezo ongejwayelekile, ukuxubana kwemisindo ngendlela emnandi. Le album iphethe umyalezo wokuhlanganisa abantu nokusabalalisa uthando," kuchaza uMajozi, engeza ngokuthi ingase iphume ngo-Okthoba.


Echaza ngempumelelo yeMambazo, uthi kuyamangaza ukuthi iqembu eselilidala kangaka emkhakheni wezomculo, lisathandwa futhi linesasasa. 

Image

IMambazo isike yasebenzisana nezihlabani okubalwa kuzo uMichael Jackson, uPaul Simon, uDolly Parton, uDavid Guetta, uBrenda Fassie, iMiCasa. Kumanje kune-single esiphumile esihloko sithi, "Khona le nto oyenzayo".

Image

 NguMbuso Khoza

UMbuso Khoza echaza ngalo uthe: "Le ngoma ikhuluma ngentombi okuthi ngisho ingekho eduze kodwa ikwazi ukukuthinta ezibilini. Kube khona le nto eyenzayo," kuchaza lo mculi eyihayela intatheli neMambazo ijoyina ngemuva.

Uthi le album iyingqophamlando ngoba izoqhakambisa umculo weMambazo nokuthi kayigcini kwiScathamiya kuphela, kepha umsunguli wayo uJoseph Shabalala washiya iqembu elifumbathise okuningi.


"Okuzokwenziwa kule album ngukuqopha umlando ukuze nentsha ibe nentshisekelo ngalo,"kuchaza uMbuso ozakhele igama ngokucula nokuqamba ibika lomdlalo ochaza ngombumbi wesizwe samaZulu, uShaka iLembe