21 | Ezemidlalo
Friday, 07 August 2026
Mzwamandla Zondi
UNGQONGQOSHE wezeMidlalo waseNingizimu Afrika, uGayton McKenzie, ugxeka izinhlangano ezengamele ezemidlalo, ezimsola ngokukhetha iphela emasini uma kunabadlali okusuke kufanele bayomela izwe emiqhudelwaneni eyahlukene yomhlaba.
UMcKenzie usolwa ngokuba phambili uma kukhulunywa ngemidlalo ethandwa kakhulu, okuwumbhoxo nonobhutshuzwayo, kodwa kuthiwa umathintanyawo kweminye.
Ngeledlule kusuke omkhulu umsindo kungacaci ngekusasa labasubathi bakuleli bamajuniya, abayingxenye yeWorld U/20 Championships eqhubeka e-United States of America (USA).
UMcKenzie eziphendulela uthe: "Izinhlangano ezengamele ezemidlalo (federations) kuwumsebenzi wazo ukuhambisa abagijimi emidlalweni eyahlukene.
"Kunalokho, izinhlangano zivele zisuke ziyobanga umsindo kwabezindaba ngomnyango ngoba zizitshela ukuthi zizozwelwa, noma zizokwazi ukuthola imali eziyidingayo.
"Nosopolitiki abangazi ukuthi izinto zenziwa kanjani, basuka bayobanga umsindo kwabezindaba ngoba befuna amavoti ngegama lami.
"Abantu kufanele bazi ukuthi umnyango wezemidlalo uxhasa izinhlangano zezemidlalo ezingaphezulu kuka-60. Ukuze uthole imali kunemigudu okufanele uyilandele, manje abantu kabanalo ulwazi, bacabanga ukuthi ukugijimela kwabezindaba kuzobasiza.
"Imali ukuze iphume kufanele iphasiswe yiphalamende, kudlulwe nakwiPublic Finance Management Act (PFMA) nokunye okuningi."
Uthi amalungu asuke eqokiwe kufanele kube yiwona asebenza kanzima ukuthola abaxhasi, bangalindeli imali ephuma kuhulumeni.
Uthi amalungu akhethiwe kakufanele ahlale asonge izandla, kufanele abhukule ngayo yonke indlela, asungule nemiqhudelwano yangaphakathi ukuzenzela imali, akwazi nokuheha nabaxhasi.
"Izinhlangano zezemidlalo ziyazi ukuthi yizona okufanele zikhokhele abadlali bazo uma beyodlala. Okubalulekile wukuthi izinhlangano zezemidlalo kufanele zikuqinisekise ukuthi abadlali bayahamba uma kufanele bahambe," esho.