12 | Izindaba

Friday, 07 August  2026

Image

Zidinga ukusukunyelwa izifo ezithelelana ngocansi

Ezempilo:                                                                       Menzi Jele

ABANTU bahlale bekhuzwa imihla namalanga ngobungozi bokwenza ucansi olungaphephile.

Izifo ezitholakala ngokuya ocansini olungaphe- phile, zehlukene, kanti zonke zinobungozi ngoba zigcina ngokukubulala uma ungazelaphi.

Kukhona nobhubhane lwesifo sengculaza, olunamathuna kuzona zonke izinkalo.

Esikhathini esiphambili, abanye abantu izifo ezithelelana ngocansi, bebehlekisa ngazo, ngoba nezikhungo okwelashwa kuzo abantu abanesifo sikagcunsula (drop), bebethi "sukemasokeni".

Lesi sifo (drop), yisona esijwayelekile, njengoba sitholakala kulabo abangalisebenzisi ijazi lomkhwenyana nezivikeli uma bezijabulisa ngocansi.

Ukuthelelana ngezifo zocansi nobungozi bazo

Izifo zocansi, zitholakala uma kuphambana uketshezi ngesikhathi abantu benza ucansi.

Ingozi yokungaqedi ukwelapha isifo osithole ngocansi, wukuthi ungaba nomdlavuza esithweni sangasese noma esinyeni, wukuphelelwa yinzalo, wukungavuki kwenduku kwabesilisa, wukungalulangazeleli ucansi nokuba nephunga elibi esithweni sangesese.

Uma ujwayele ukuba nezifo ezithathelana, ngocansi uba buthakathaka uma sekwenziwa "inkozo yasekameleni."

Image

ABEZEMPILO bathi ukusetshenziswa kwejazi lomkhwenyana kungagwema ukuthelelana ngezifo.

Ucansi olungaphephile luletha ingane emhlabeni

Ukuthola ingane ongayilungiselele ngokomqondo kungakufaka ezindlekweni, ngoba ingane ifuna ukuhlinzekwa ngemali yempilo, yizimpahla zokugqoka, wukudla, yimfudumalo, yimfundo nezindleko zokuyithutha uma isiya enkulisa noma esikoleni.

Ucwaningo luveza ukuthi izingane eziningi ezingondingasithebeni nezilala ngaphansi kwamabhuloho, ziwumphumela wocansi olungaphephile.

Image

      Ubungozi bokungalisebenzisi   ijazi    lomkhwenyana

Kukhona uhlobo lwabantu abazishaya isifuba ngokuthi kabalisebenzisi ijazi. Abanye bathi abalujabuleli ucansi uma besebenzisa ijazi.

Isikhungo iMoyo Clinic, sithi:

- Hlolwani ngodokotela nomuntu ozoya naye 'enkonzweni yasekameleni' ngaphambi kokuba niyiqale.
- Hlolani igazi okungenani izikhawu ezintathu, ngaphambi kokuqala umshikashika wocansi olungavikelekile.
- Ukungalisebenzisi ijazi kulungele abantu abashadile, asebelungele ukuqala umndeni, nasebehlolwe ngodokotela.
- Thola ngomlando wobudlelwano nomuntu ozoya naye ocansini, ngoba kungenzeka wake waba nazo izifo ezithelelana ngocansi.
- Qikelela uhlobo lwamakhondomu olusebenzisayo uma wenza ucansi, ngoba amanye ayaqhuma, uma nizithokozisa ngocansi.

Izimpawu ongazibona uma usunesifo socansi

- Wubuhlungu obuzwa uma uchama.
- Wukuchama umchamo oshisayo noma uchame igazi.
- Wuketshezi oluphuma endukwini yowesilisa, olunephunga elibi.
- Wukuvuvukala kwamankwahla.
- Wukukhathala kwenduku nokusheshe udedele uma usocansini.

Ukuvakashela izikhungo ezaziwa ngeMen's Clinic, kwabesilisa kungasiza. Kunodokotela abangochwepheshe nabagogodile ezifweni abangasheshe bathole uma
kune-infection esithweni sangasese.


Ulwazi lucashunwe kwiMoyo Clinic

menzi.jele@ilanganews.co.za