10 | Ezikaqedisizungu
Friday, 07 August 2026
Sengathi izinto ziwabhedele amakhehla kulokhu...
BAQINISILE laba abathi isondo liyajikajika. UMzala uthuke woma ebona intsha yebandla lamaNazaretha iganana yodwa, ngemuva kokukuvalwa komhlangano kaJulayi.
Phela lo mhlangano waziwa kakhulu ngokuthi uma usuvalwa, kukhethwa amatshitshi ebhentshini.
Amakhehla aleli bandla kubukeka sengathi izinto ziwabhedele kulokhu, kwazise bekubonakala kuqondene omaqondana. Kulokhu onkunzimalanga abalibonanga elidlalayo.
UMzala ulokhu ezibuza eziphendula ukuthi ngabe lokhu kwenziwe yini, noma mhlawumbe onkabi bakhumbule iminyaka yabo, kwazise bekusabhaliselwa nokuvota.
Ningamqhathi-ke uMzala nomkhulu bodade, ayixabene.
Yenza okubonayo mfo kaHlophe, ngeke sikujaje...
KUNEZINTO okuba nzima ukuzibekezelela. UMzala akayena umngani kaFelix Hlophe, kodwa futhi ngeke athule uma ebona inkabi yakhe isiqala ukubhayiza, ifika igqoke i-gown emsebenzini.
Kungenzeka nje ukuthi ukushiywa nguMinnie Ntuli ngesikhathi kushintshwa izinhlelo zeGagasi FM, kuyiphazamisile le nsizwa.
UMzala uvele wadideka ebona le nkunzi ifuqana ngomkhaba noSelbeyonce, esisakaza naye uhlelo lwasekuseni.
Mfo kaHlophe, ngeke sikujaje yenza noma yini oyifisayo sizokweseka.
Phumani kulowo mqondo ukuze ningaphoxeki...
BAYEDE wena weNdlovu! uMzala uyakhuleka koNgangezwe Lakhe! Akukho okutheni akushoyo ngaphandle kokuncoma iNdlulamithi ngokuhlala ibhekelela wonke umuntu.
UMzala uthuswe yindlela omaka-Enzo abajabule ngayo uma bebizwa yiSilo uMisuzulu ukuba bayihambele nabo imcimbi yaso.
Into edida uMzala yilaba abakhuluma okungeyikho, njengoba sebecabanga ukuthi iNgonyama kukhona ekucabangayo ngoba ibabiza.
Phumani kulowo mqondo ukuze ningaphoxeki.
Yini le eniyiphekayo engavuthwa kuleli qembu lenu?...
NGIYAZI ezikaMnu Jacob Zuma laphaya
kwi-MKP zizomthuka uMzala, kodwa-ke ngizowubuza lo mbuzo.
Yini le eniyiphekayo engavuthwa kuleli qembu lenu? Niyapheka niyathulula.
UMzala akasiye umuntu okhonze ipolitiki, kodwa le eyenzeka laphaya kuleliya qembu, iyaxaka impela. Ngisho kungabe izinto ziyenzeka, kodwa uZuma usengavele apike indodana yakhe ukuba iqhoqhobale isikhundla esikhulu kangaka kuthuleke nje?
Nokho uMzala akamangali, phela into yakhe yakudala le uZuma kusukela esangumengameli waseMzansi. Wayebapheka ebathulula ongqongqoshe.