08 | Ezikaqedisizungu
Friday, 07 August 2026
NGUNONTO R ohlele umcimbi wamahlaya eThekwini.
Thandi Zondi
BAZOGODUKA bebomvu yimali osomahlaya abasafufusa emcimbini wamahlaya, iKZN Comedy Festival One Night of Laughs with Nonto R, ozoba seThe Playhouse, eThekwini mhla ka-14 kule nyanga.
Lo mcimbi -ohlelwe ngusomahlaya, uNonto R, okungowokuqala ukwenzeka KwaZulu-Natal - uzokwandulelwa wumncintiswano wosomahlaya abasafufusa.
Ngokusho kukaNonto, kuzohlomula abathathu abaphume phambili. Owesithathu uzothola u-R5 000, owesibili wu-R7 500 kuthi ingqwele igoduke no-R10 000.
""Lo mcimbi ngowokuqala ukuba khona eKZN.
"Ozophuma phambili sizohamba naye emicimbini eyahlukene, ukuze ancele ulwazi futhi akhule ngokubukela komakadebona kwezamahlaya," kusho uNonto R.
Uzokube ehambisana nozakwabo, kulo mkhakha; okukhona kubona uNdlebe, uFelix Hlophe, uCeleste Ntuli, uTsitsi Chiumya, uMondli Mzizi noMakaThangithini.
KUSUKA kwesobunxele; nguMa kaTha, nguCeleste Ntuli noFelix Hlophe.
Uthi kuningi abazohlekisa ngakho kulo mcimbi; okubalwa iMarch and March, ezepolitiki, izinkinga ezikhungethe izwe, nezothando.
"Kuzoba mnandi kakhulu, sizoba nesikhathi esimnandi sokwehlisa ingcindezi, sihleke nje ngezinto esibhekene nazo," esho.
Ukhuthaze abesifazane abasemkhakheni wamahlaya ukuba bangazibukeli phansi.
Uthe njengoba kuyinyanga yabo (u-August), kumele bakhumbule ukuthi akukho okungenziwa ngabesilisa esiteji, kwehlule abesifazane.
"Le nto yamahlaya kayifuni ukuthi uyithathe ngobulili, idinga ukuzethemba. Amahlaya kawayi ngamandla omzimba noma indlela obukeka ngayo, kodwa afuna umuntu ocabangayo.
"Lo mcabango wokuzidabukela ukuthi ungowesifazane phakathi kwabesilisa, kawusebenzi, ugcina ukuvimba ekuphumeleni kokwenzayo," esho.
Amathikithi abiza phakathi kuka-R250 no-R350.