07 | Izindaba
Friday, 07 August 2026
NGABAHLELI beMpucuzeko Skills Development and Training, uMnu Sandile Ndlanya noMnu Xolani Mcineka.
Bahlelelwe amakilasi okucijwa yiMpucuzeko omaskandi
Mthobisi Sithole
AHLELELWE amakilasi okucijwa kabanzi amaciko ngokwazi ngemali yawo ebhajwe ezinhlakeni ezithile zomculo, okubalwa namalungelo awo.
Lokhu kugqugquzelwa yiMpucuzeko and Skills Development and Training.
NgoLwesibili, eThekwini bekwethulwa umcimbi wakulo nyaka weMpucuzeko, ozoba sePeople's Park, eMoses Mabhida, eThekwini, ngomhla ka-29 kuyona le nyanga.
Kuvezwe lezi zinhlelo ezintsha zokulekelelwa kwamaciko kamaskandi.
Omunye wabasunguli beMpucuzeko, uMnu Sandile Ndlanya, uthe basebenzisana nenhlangano iSouth African Music Perfomance Rights Association (SAMPRA), ukusiza abaculi.
Baningi abaculi abangawazi
amalungelo omculo wabo
UNdlanya uthi baningi abaculi abangawazi amalungelo omculo wabo, okwenza bahlupheke empilweni, ekubeni imali yabo idliwa ngasese ngogalakajana.
"Abaculi abaningi bashona behlupheka, ekubeni benayo imali yabo ebhajwe kwabathile, kodwa bengenalo ulwazi ngayo.
"Ngakho-ke kulo nyaka sizoba namakilasi okweseka abaculi, bafundiswe nangamalungelo omculo wabo," esho.
Uthi abanye abaculi banezingoma abangaholi ngazo, imali yakhona idliwa ngabanye abantu.
Uthe kuningi okuzofundwa ngamaciko ngalolu hlelo, okuthinta umculo kusukela uqoshwa, udlalwa emsakazweni, wukuqashwa kwawo ezindaweni ezahlukene, nokusetshenziswa komculo ngokwezivumelwano ezindaweni ezahlukahlukene.
NGUMCULI kamaskandi, uSenzo "Ntencane" Zondi, oweseke izinyathelo zeMpucuzeko, zokwenzela abaculi iqiniso.
"Abaculi kuzomele balibambisise leli thuba, ngoba lizokwenza ushintsho empilweni yabo. Izinkinga ezenzeke kwabanye abaculi eminyakeni edlule, akufanele zenzeke nakulaba baculi abaphila kule minyaka," kusho uNdlanya.
Uthe kuzomenyezelwa emacikweni usuku okuzokwenziwa ngalo le ngqungquthela.
Uthe lolu hlelo luzobandakanya amaciko asafufusa nasedumile.
Emcimbini wakulo nyaka kuzoshiyelana inkundla uMdumazi, uDumakahle, uQhosha, iNkosi Yamagcokama, uBahubhe, uKhuzani, uStability, Izingane Zoma, uBuselaphi, uSaliwa, Amageza Amahle, uShwi noMtekhala, uBende, uFalabo, iMfezemnyama, uDSD, u-Ali Mgube, uMzukulu kaShafuza, uJumbo.
IZulu Messengers (ucothoza), iKholenso Abafana beNkokhelo (ucothoza), uNtencane, uNjabulo Langa, uQaulity Biyela, uJaivazimnike, uMenzi, uMnyovu, uSgwebosentambo, uPotso,nabanye abaningi.
Umcimbi wesekwe yiphephandaba ILANGA, uhulumeni waKwaZulu-Natal, iSminorff neSAMPRA.
Amathikithi omcimbi atholakala ngo-R150 eComputickets, esangweni azobiza u-R200.
mthobisis@ilanganews.co.za