05 | Izindaba
Friday, 07 August 2026
NGUMNU Mtholiseni Gwamanda, eneSilo uMisuzulu.
Mthobisi Sithole
UYAPHUPHUMA yinjabulo owesilisa waseMabomvini, eMsinga, obebhekene necala lokubulala ingwe - wayinika iSilo uMisuzulu kaZwelithini - njengoba ethi iNkantolo yeMantshi yaseGreytown, imkhiphe phambili.
UMnu Mtholiseni Gwamanda, kuthiwa wavukelwa yile ngwe ehlathini entathakusa, eyothandaza entabeni nezingane zakhe ezintathu, mhla ka-22 kuFebruary.
Wayidubula, wayibulala.
Ubevulelwe icala yi-Ezemvelo KZN Wildlife, imsola ngokuphula umthetho wokuvikelwa kwezilwane.
UGwamanda uthi seliphelile icala abebekwe lona, inkantolo ithe impilo yakhe yayisengcupheni, kabukho ubufakazi bokuthi wayeyizingela le ngwe.
"Sengikhululekile njengoba seliphelile leli cala. Amaphoyisa abesejwayele emzini kababa, engiphenya ngalo. Asithatha nesibhamu engabulala ngaso lesi silwane.
"Ngawatshela nawo ngesikhathi ephenya ukuthi impilo yami yayisengcupheni, ngokunjalo nezinja engangihamba nazo, njengoba kwagcina kufe eziwu-6, zibulawa yisona lesi silwane," kusho uGwamanda.
NGUMNU Gwamanda nengwe ayibulala.
Uthi nakuba usaphila, kungenxa yokuthi izinja zakhe zamvikela, zayiphazamisa ingwe, ifuna ukuqeda ngaye nezingane zakhe.
"Izinja yizona ezasibona kuqala isilwane, zasiphazamisa. Ngaleso sikhathi ngakwazi ukuthola intuba yokubalekisa izingane, ngazigibeza esihlahleni, ngakhipha isibhamu ngadubula," esho.
Utshele ILANGA Lempelasonto ukuthi isibhamu abulala ngaso le ngwe, sisemthethweni. INdlunkulu kaZulu yacela ukuba lesi silwane siyiswe eSilweni.
ISilo “samethwesa umqhele” ngokumnika inkomo yoboya no-R30 000 uGwamanda.
Okhulumela i-Ezemvelo KZN Wildlife, uMnu Musa Mntambo, uthe leli cala lavulwa ngenxa yokuthi baphoqwa wumthetho wezemvelo.
"Uma kunomuntu obulele isilwane okungafanele sibulawe, kufanele simvulele icala.
"Kuwumsebenzi wenkantolo ukucubungula udaba, bese imkhipha phambili uma ibona ukuthi wayezivikela, hhayi ngoba nakhu wayezingela isilwane,” esho.
mthobisis@ilanganews.co.za