04 | Izindaba
Friday, 07 August 2026
Ngumsunguli weMarch and March, uNkk Jacinta Ngobese-Zuma.
Thokozani Ndlovu
UMSUNGULI weMarch and March, uNkk Jacinta Ngobese-Zuma uthi ngeke aphendulane noNgizwe Mchunu ezinkundleni zokuxhumana ngoba uyambona ukuthi ugcwele ukudlala, ufuna ukubukwa ngezinkulumo azenza kuFacebook.
Lokhu kuza emuva kokuthi iMarch and March ikhiphe isimemezelo sokuthi ngeke isasebenzisana noMchunu, ngenxa yokuthi kunophenyo oluqhubekayo ngabamukele imali kosomabhizinisi nasezikhulwini zikahulumeni, ngenhloso yokukhubaza umkhankaso wale nhlangano wokuxosha abokufika eNingizimu Afrika
abangenamaphepha.
NguNgizwe Mchunu ochithwe yinhlangano iMarch and March.
UNKK Ngobese-Zuma ukusho lokhu ngesikhathi ethula iSA First Forum neMarch and March Foundation.
“Asidlali la, sikhuluma izinto ezibalulekile nezithinta impilo yabantu. Asikwazi ukuphendulana noNgizwe, umuntu esisabona ukuthi usagcwele ukudlala. Uma singanaka yena, kuzoba sengathi nathi siyadlala. Akakhulume aze afike lapho ethanda khona, ngeke simphendule thina, sigxile ezintweni ezibalulekile ezizothuthukisa impilo yabantu,” esho.
Emuva kwesimemezelo ebesenziwe yiMarch and March sokumchitha, uMchunu uye ezinkundleni zokuxhumana wakhuluma ngoNkk Ngobese-Zuma noNkosikhona ‘Phakelumthakathi’ Ndabandaba, ethi abakaze baye nakwamanye amazwe, yena usevakashele inqwaba yamazwe angaphandle.
Uze wathi uNkk Ngobese-Zuma uya emazweni angaphandle ngoba ekhishiwe kanti yena uya kuwona evakashile.
Ezinye izinkulumo ezenziwe nguMchunu ngezokuthi ngeke phela kuhlale kumashwa njalo njengoba iMarch and March inezinhlelo zokuthi kube nemashi ehlala ikhona njalo uma kuwuLwesine.
KolweSA Forum, uNkk Ngobese-Zuma uthe ngenxa yokuthi iNingizimu Afrika ibukeka inyathela amalungelo abantu, bafuna ukusebenzisa yona ukulwela amalungelo abantu.
Uthe lokhu bakwenza ngenxa yokuthi kuyabiza ukukhokhela abameli uma kunamacala amakhulu, okwenza abantu bagcine bengabutholanga ubulungiswa ngoba bengenamali.
Uthe bona njengeSA First Forum bazogada izinto ezinjalo, baphinde bayise nabantu abahlukumeza abanye enkantolo.
Ngokuvula iMarch and March Foundation, uthe iphupho labo wukuthi bagcine sebakha nezikole ngoba inhloso yayo ukuqhakambisa ezemfundo.