03 | Izindaba
Friday, 07 August 2026
NGABALINGISI bomdlalo iThe Polygamist.
Isaqhubeka nokuqopha umlando iThe Polygamist
Lucky Cain
USAQHUBEKA nokuqopha umlando umdlalo kamabonakude iThe Polygamist, obe nedumela ngesikhathi uqala ukukhonjiswa kuleli ezinyangeni ezimbalwa ezedlule.
Lo mdlalo okhonjiswa kwiNetflix, usaqhubeka nokugila izimanga njengoba emazweni awu-21, usahamba phambili ngokubukelwa, kanti
ukwi-top 10 emazweni awu-62.
Ngokusho kwabeNetflix, lo mdlalo usubukelwe ngabantu abawu-27.6 million, okuwulando emidlalweni eminingi ekhiqizwe kuleli.
Kuvele ukuthi lo mdlalo uqengqeleza phambili nasemazweni angasikhulumi isiNgisi, okwenze waba wumdlalo wokuqala ukugila lezi zimanga kula mazwe.
I-The Polygamist, isuselwa encwadini ebhalwe nguSue Nyathi, ongumbhali odabuka eZimbabwe, ayikhipha ngo-2012.
Le ncwadi kubikwa ukuthi nayo yadayisa kahle eNingizimu Afrika ngemuva kokuphuma kwayo.
I-The Polygamist isuse okukhulu ukukhuluma ezinkundleni zokuxhumana, abantu bebabaza izinga eliphezulu lokulingisa, kanjalo nokuphinga okuqhubekayo kuwona.
NGU-SUE Nyathi, ongumbhali wencwadi iThe Polygamist, ephendulwe umdlalo kamabonakude okhonjiswa kwiNetflix,
iThe Polygamist, ohamba phambili ngokubukwa.
I-The Polygamist, igabe ngabalingisi abanohlonze
UJonas obedlalwa nguSdumo Mtshali, ube ngundabamlonyeni, abantu bencoma ikhono lakhe lokudlala le ndawo eshintshashintsha abesifazane.
Abanye abalingisi lo mdlalo ogabe ngabo, kubalwa uGugu Gumede, uLuyanda Zwane, uVuyo Biyela, uCeleste Ntuli, uMeshack Mavuso, uKenneth Nkosi, uKwanele Mthethwa nabanye.
Ukhiqizwe yinkampani iStained Glass TV, ephethwe nguGugu Zuma.
Le nkampani isike yakhiqiza imidlalo kamabonakude okubalwa kuyona Uzalo, Amalanga Awafani, iThe Wife, eGagasini, iDurban Gen neminye.