02 | Izindaba

Friday, 07 August 2026

Ezifingqiwe


01


Image

I-NSFAS, ivulele icala isikhulu esinqwaha nama-laptop awu-10, ayezonikelelwa izikole eziswele

ISIKHUNGO sesikhwama sokusiza abafundi iNational Financial Aid Scheme (NSFAS), sesivulele icala elinye ilungu lebhodi ngezinsolo zokunqwaha nama-laptop ayishumi, ayethengelwe izikole ezihlwempu e-Eastern Cape.

Ngokubika kwe-eNCA, lama-laptop ayeyingxenye yomnikelo wango-April nonyaka, lapho awu-30, ayehlelelwe ukudluliselwa ezikoleni eziyisithupha, kubafundi abebehlala ngaphakathi kuzona.

Kubikwa ukuthi izisebenzi zalubika lolu daba. USihlalo weBhodi lakwaNSFAS, uSolwazi Hlengani Mathebula, wasigxeka lesi senzo njengoba eseka uphenyo oluqhubekayo.


02


Kusungulwe umkhandlu obhekelela udlame olungokobulili, nokubulawa kwabesifazane

IKOMIDI lasePhalamende elibhekelele abesifazane, intsha nabantu abaphila nokukhubazeka, lithi usungulwe ngesikhathi esikahle umkhandlu obhekelela udlame olungokobulili nokubulawa kwabesifazane.

Ngeledlule uMengameli uCyril Ramaphosa umemezele amalungu eNational Council on Gender-Based Violence and Femicide, azosebenza njengoba kuqale inyanga ka-August, kuze kube wumhla ka-31 kuJuly ka-2029.

Lo mkhandlu usungulwe ngaphansi komthetho iGender-Based Violence Act, owaphasiswa ngo-2024.

“Lo mkhandlu uqale ngesikhathi esikahle, kuqala inyanga yabesifazane.

"Sinxusa zonke izinhlaka zomphakathi okubalwa kuzona uhulumeni, yizinhlangano ezisiza umphakathi, ngosomabhizinisi abazimele namalungu omphakathi, ukuweseka ukuze ufeze izinhloso osungulelwe zona,” kusho uNkz Liezl van der Merwe, ongusihlalo wekomidi lePhalamende.


03


Image

I-AU ichithe isiphakamiso seGhana sokudingida olokuhlukunyezwa kwabokufika eNingizimu Afrika

I-AFRICA Union (AU) ichithe isiphakamiso seGhana sokuthi emhlanganweni wayo olandelayo, ibeke eqhulwini ukudingidwa kodaba lokuhlukunyezwa kwabokufika okuthiwa kwenzeka kuleli.

Lokhu kuvezwe nguNgqongqoshe wobuDlelwano namaZwe oMhlaba, uMnu Ronald Lamola (
osesithombeni esingenhla), ngesikhathi eveza ukuthi elakuleli liyawemukela lo mbiko.

UMengameli waseGhana, uMnu John Mahama, wafaka lesi sicelo ngasekupheleni kwenyanga edlule kwi-AU, ekhala ngokuthi iNigizimu Afrika ibukela phansi ubumbano lwamazwe ase-Afrika, ngemibhikisho yokuxosha abokufika abakuleli ngokungemthetho.

Umkhandlu we-AU usichithile lesi sicelo. ULamola uthi yena ubona ukuthi i-AU kumele ibize ingqungquthela, ifundise amazwe ase-Afrika ngemithetho yokuhambela kwamanye amazwe.

Uthi izwekazi lase-Afrika ngeke lizuze lutho uma emhlanganweni walo kuzodingidwa izwe elilodwa, elilwela amalungelo alo.


                      04


Image

Isikhulu sichitha izinsolo zokuhlinzekwa ngamaphepha ayimfihlo, eCrime Intelligence

OWE-ACTIONSA, owaduma ngokupheka ngobhojwana ofakazi ekomidini lePhalamende lesikhashana ebeliphenya izinsolo zokugxambu- kela kosombusazwe emsebenzini wamaphoyisa, uNkz Dereleen James (osesithombeni esingenhla), uchitha izinsolo zokuhlinzekwa ngamadokodo ayimfihlo eCrime Intelligence.

Lezi zinsolo zivezwe ngummeli wombuso ongaphansi kwe-IDAC, u-Adv Drushantha Ramsamy, otshele iKhomishini kaMadlanga ukuthi ophenyweni lwabo, bathola ukuthi uJames, wafakelwa ngamaphoyisa eCrime Intelligence, amaphepha ayimfihlo, ngaphansi komnyango wehhovisi lakhe.

UNkz James uthi kungamampunge okushiwo
nguRamsamy. Uphakamise ukuthi uphiko lwezokuvikela ePhalamende lulekelele amaphoyisa ngokuwahlinzeka ngama-video eCCTV, angaphandle kwehhovisi lakhe, ukuze kubonakale ukuthi awekho amaphepha awathola.