21 | Ezemidlalo

Friday, 06 March 2026

Siyazishwashwatha


Uzobonakala ngonyaka ozayo uShinga weChiefs olimele


Image

KUVELA ezithi useyoze abonakale ngesizini ezayo uNkanyiso Shinga (osesithombeni), olimale iKaizer Chiefs yehlulwa yiRichards Bay FC ngo-1-0 koweBetway Premiership ngoLwesibili ebusuku eMhlathuze Sports Complex.

Ukulimala kwalo mdlali kuphoqe ukuba iChiefs iqede lo mdlalo ingasaphelele ngoba ibisiwusebenzise wonke uphawini wayo wokushintsha abadlali.

Lo mdlali ujoyine u-Inacio Miguel, uGiven Msimango, u-Etiosa Ighodaro, uRushwin Dortley noBrendan Petersen egunjini labagulayo lale kilabhu.

IChiefs izoze ibuyele ensimini ngomhla ka-15 March lapho izobhekana khona neDurban City eFNB Stadium, eGoli.


URulani Mokwena uyanyaniswa nekilabhu yaseLibya


Image

URULANI Mokwena (osesithombeni) ongumqeqeshi weMC Alger yase-Algeria, uyanyaniswa ne-Al Ittihad Tripoli yaseLibya.

Kuthiwa le kilabhu ifuna ukuvala ngaye isikhundla esiphethwe nguKhaled Ben Yahia okuthiwa ihlela ukumfaka amasondo ekubeni ngumqeqeshi wayo.

* I-Al Ettifaq yaseSaudi Arabia kuthiwa izivulile izandla uma efuna ukuhamba kuyona uMohau Nkota ongumgadli wayo neBafana Bafana.


UBenni McCarthy akayingeni eyokuqeqesha iBafana


Image

UBENNI McCarthy (osesithombeni), uzwakalise ukuthi akekho klamuklamu ngomsebenzi wokulolonga iBafana Bafana uma kushiya uHugo Broos waseBelgium emuva kweNdebe yoMhlaba yeFifa ezokuba ngoJune nangoJuly e-United States of America (USA), eMexico naseCanada.

IBafana izogijima kulo mqhudelwano seyiswenka ngejezi le-Adidas, elethulwe ngokusemthethweni ekuqaleni kwaleli sonto esilisongayo.


IDurban City izimisele ngokugcina uGcaba emeboleke kwiBay FC


Image

I-DURBAN City kuthiwa ihlela ukumgcina uFezile Gcaba (osesithombeni), oyisitobha ebeyimboleke kwiRichards Bay FC.

ICity izodlala neLamontyville Golden Arrows kwiQuarter final yeNedbank Cup ngeSonto ngo-18h00 eKing Zwelithini Stadium, eMlazi.