07 | Izindaba
Friday, 06 March 2026
Lo mdlalo uzobe uyisifundo ngomlando nangendima eyadlalwa yiSilo uCetshwayo, emlandweni waKwaZulu.
Lucky Cain
UZOVULELEKA kubafundi nasemalungwini omphakathi umdlalo weshashalazi okhuluma ngeSilo uCetshwayo, obizwa ngeKing Cetshwayo The Musical, okulindeleke ukuba uqale ukukhonjiswa eThe Playhouse, eThekwini ngomhla ka-13 kwephezulu.
Lo mdlalo uhambisana neminyaka ewu-142 kwakhothama iSilo uCetshwayo, esinomlando onzulu ngesizwe samaZulu njengoba kunanomasipala oqanjwe ngaso.
Ngokusho kukaJerry Pooe (osesithombeni esingezansi), ongumbhali nomqondisi wemidlalo yeshashalazi osemnkantshubomvu, lo mdlalo uzobe uyisifundo ngomlando nangendima eyadlalwa yiSilo uCetshwayo emlandweni waKwaZulu.
NGUJERRY Pooe, ongumbhali nomqondisi wemidlalo yeshashalazi.
Uthe ukhethe ukuthi awuvule, uhlanganise abafundi namalungu omphakathi njengoba ungathokozelwa ngabantu abehlukene.
Uthe lo mdlalo umqoka esizweni samaZulu.
Impi yaseSandlwana phakathi kwamaNgisi namaZulu, yenzeka ngesikhathi sobuholi beSilo uCetshwayo.
Lo mdlalo uza ngesikhathi lapho kulindeleke ukuba kube nokubuyisana eNdlunkulu kaZulu, kulandela isinqumo saseNkantolo yoMthethosisekelo, esivune iSilo uMisuzulu kaZwelithini, ukuba abe kulesi sihlalo ngokusemthethweni.
NGABEBELINGISA emdlalweni ongeSilo uCetshwayo, eminyakeni edlule.
UPooe unxuse abantu ukuba baphume ngobuningi ngezinsuku okuzobe kukhonjiswa ngazo lo mdlalo, ozokhonjiswa ngempelasonto yangomhla ka-13, nangomhla ka-20 kusukela seligamenxe ihora lesithupha.
Uthe phakathi nezinsuku, kuzobe kuvulelwe ukuthi ubukwe ngabafundi, okumele babe nolwazi ngomlando wobukhosi baKwaZulu.
UPooe uthathwa njengenkakha yokubhalwa kwemidlalo yeshashalazi.
Useke wabhala futhi wadidiyela imidlalo ehlukene, eminye yayo yakhonjiswa naphesheya kwezilwandle.
Ungumsunguli wendawo yezobuciko, iWushwini Arts Centre, ezinze KwaNgcolosi ngaseNanda Dam.