15 I Izindaba
Friday, 06 March 2026
Odabeni oluphume kwiLANGA ngoLwesine oluthi:
Kukhalwa ngesibhedlela esinqaba ukwelapha abangenayo imali:
Xolani Majola:
EGrey's Hospital, uyajikiswa, u-R100 ukukhipha i-file.
Sengize ngayeka ngingalashiwe. Ngiyagula futhi angisebenzi, kodwa izinso ziyangibulala.
NaseNorthdale bathi mangiye eGrey's.
Nhlakanipho Nduku Khoza:
Elikhulu ihlazo lelo uma kuyiqiniso. Kakufanele ngempela abantu baxoshwe.
Carnyoeh Ka MaNgema Ntombela:
I'm sure kuseMshiyeni lapho! Abadeleli kanje o-cashier bakhona. Badelela abantu begula, bengenamali.
Gugulikamphemba Gcwally Bongiwe Ntuli:
Ukhokhe, ekugcineni kuthiwe imithi kayikho.
Thembinkosi Sithole:
Kanti sekungenwa ngemali yini?
Zakes Zakhele:
Obani bona labo abajikisiwe? Akubona abantu bokufika labo?
Aphiwe Nene:
Yisiphi leso sibhedlela?
Mina kangikhokhi nje, ngivele ngikhombe uRamaphosa laphaya odongweni, ngithi nanguya, uzokhokha.
REAL Love WORLD dating SITE:
Bakuliphi izwe????
Nkululeko Vanhei Khuzwayo:
Yihlazo kanjani, awunabe kancane.
Thotho MfokaNtuli Ndonie MfanakaSompisi:
Buyiselani izwe kwi-IFP, niphume ekuhluphekeni.
Vsmngoeh Mngomezulu:
Kodwa abokufika bayangeniswa.
Siyabonga Sizwe Khumalo:
EGoli bathi kunemali ye-file
ewu-R350. Uma ngibuza ukuthi ngelani lelo file, bathi ngelami elokuqashwa esibhedlela, ngathi kusho ukuthi kungcono ngiyolashwa kwa-private doctor, ngoba kayikho le nto.
Sandile Mngomezulu:
Kodwa ama-foreigners ngeke bawajikise.
Nicholus Thami:
NaseNquthu CJM Hospital,
kuyakhokhwa R90.
Nanah Mabaso:
Saze saphathwa ngodoti eSouth Afrika.
Slindokuhle Slindoh Mbhele:
Yoooh! Kuyoba yinhlanhla kungesikhona eMshiyeni lapho! Ngihlezi ngibuka nje bexosha ngisho ogogo. 🤦♀️😏 Ubone umuntu egula ngempela, kodwa bamxoshe ngenxa yale mali.
Xolani Schuste Phuthini:
Uhulumeni ufuna enye imali yokuthenga esinye i-statue.
Manje kumele kufe abantu, bangasizakali esibhedlela mahhala?
Qhawe Amos:
Kanti sekusizakala abantu abanemali yini ezibhedlela?