14 I Izindaba
Friday, 06 March 2026
Odabeni oluphume kwiLANGA ngoLwesine oluthi:
Achaza ngenkolo yawo amaNazaretha athandaza uGcwensa:
NGAMANAZARETHA akwaGcwensa, KwaNyuswa, emi eduze
kombhalo ophakathi negceke, oqhakambisa ukuthi ahamba
ezinyathelweni zikaBhombela.
Phiweh KaNqoboka:
It's a lot guyz. Imani woooo!
Nazaritewise fm:
Kambe phela idimoni njalo uma kuza into enkulu, lifuna ukuvelela nalo.
March 10, sizobe siphelele eFoundation, eHarding, siyobungaza ukuhlanganisa iminyaka ewu-116 uJehova walithanda leli zwe, uShembe wafika wazovuselela ubuNazaretha, wakha leli bandla.
Temaswati Isichaka Esiziqhenyayo Shongwe:
Silokhu sibabazile!
Ntethelelo Bizanibonke Khanyile:
"Athandaza ".
Uyazi, sengisukume ngayogeza ubuso, ngithi mhlawumbe yimina ohlulwa wukufunda.
Lilly Lilly:
Okungcono wukuhlala ungakholwa, kunokukholwa ngoba into engenaqiniso iyakhohlisa. Yilowo nalowa uzitshela ukuthi uyazi.
Sbahle Teddy Khanyi:
Asethandaza iNdidane.
Christopher Ngidi:
Yonakele into enkulu kaNkulunkulu ngenxa yezikhundla nomcebo.
Thandazo Thusi:
Naze nathukana bo ngoShembe. Engabe ningenaphi kokwakwaShembe, bahlukene noma abahlukene, akukhona okwenu lokho.
Nakani okwasemakini, niyeke ukungcolisa uShembe ngezinhlamba.
Bongs Shezi:
Abantu sebathandaza omunye umuntu!
Nkulu Ncibilika:
Ngibona imizamo yokuxova umndeni wakwaGcwensa namaNazaretha.
Jabulani Mjeyi:
Ubani lowo Gcwensa?
Udume ngani yena noma uzozidlela imali?
Khetha Teekay:
Nisholo ukuthi kukhona yini okumele athandazwe noma kumele bathandaze uNkulunkulu?
Mhlampe-ke bese kuba ngabaphrofethi laba.
Blesser Nkosikhona:
Hawu! Kukhona omunye uShembe futhi?
Thamie Magubane:
Naze nayona into kaNkulunkulu, kade iyinhle kangaka!
Lion's Pride Ndondo:
Angikwazi-ke lokhu!
Lihle Thembelihle:
Owakabani futhi lowo mjitha?
Skhumbuzo Khubone:
Njalo amaNazaretha kufanele ngabe kawathandazi. Athandazelani uma uNkulunkulu wawo engamfonela? 😉
Lucia Samu:
Mina ngiyinkosi uNkulunkulu wakho, ungabi nabanye onkulunkulu ngaphandle kwami. Ngabe sisahleli yini kulo mthetho la emhlabeni?
Simphiwe Mnguni Khuzwayo:
UGcwensa unguNkukunkulu, mayibongwe iNkosi!
Mshengu fashion:
Sekukuningi ngempela-ke manje eMzansi.
Aries Aries:
Manje nicasulwa yini nina bakaMduduzi, ngoba nani nithandaza uShembe, nabo bathandaza uGcwensa?
Nithanda kabi ukulawula nina bantu bakaMduduzi!
Kawukho umehluko kinina nonke. Wukuthi nina ninomona nje, nifuna abantu bakhonze uShembe wenu ngenkani.
Thando Cnakho:
UNkulunkulu wethu lona, noma ningathini asinandaba.
Sithanda ukumbuka. Niyokhuluma nize nome imilobo, kasinandaba nokuthi nithini.