13 IIzindaba

Friday, 06 March 2026

Ishaye izule: Zandile Tembe

Umbiko ngokudayiswa kwezimoto ngenyanga kaFebruary 


Image

LIYEHLA inani lezimoto ezithelekiswa izwe laseMzansi kwamanye amazwe, kepha liyenyuka elokudayiswa kwezimoto ku-February ka-2026, kunelango-2025.

Umbiko wakwaNaamsa ophumile, uveza isibalo esithe xaxa sokuthengwa kwezimoto ngoFebruary 2026, uma kuqhathaniswa nowango-2025.

Bathi nakuba ukuthengwa nokudayiswa kwezimoto eMzansi kusimama, kodwa imboni yezimoto ezikhiqizwa kuleli, kayenzi kahle ezimakethe zomhlaba.

Ukuthelekiswa (export) kwezimoto zaseMzansi ziyiswa kwamanye amazwe, kwehle ngenani lika-9,463, okungamaphesenti awu-28,1 njengoba ngo-2025, kwadayiswa eziwu-33 684 ngesikhathi esifanayo.

Image

* Izizathu ezidala ukwehla kokuthengwa kwezimoto zakuleli

Ziningi izizathu ezidala ukuba lehle inani lokuthengwa kwezimoto ezikhiqizwa eMzansi ngamanye amazwe, okuwukuqiniswa kwemithetho yokuhweba, okuhambisana nokuvikelwa kwabathengi, ngokuqiniswa kwemigomo elawula uhlobo lwezimoto ezilungele nezivikela imvelo.

Iqiniso lithi, ukukhiqizwa kwezimoto eMzansi kakukafiki ezingeni lokuncintisana namanye amazwe, okuqhakambisa ukusetshenziswa kukagesi kunowoyela.

Kuyingozi kakhulu lokhu njengoba kunomthelela kwezamathuba omsebenzi nomnotho wakuleli.

Image

Uma kuhlanganiswa inani lezimoto ezintsha, ezidayisiwe kuleli ngoFebruary nonyaka, kubikwa ukuthi ziwu-53,455, okuyinani elizidlula zonke njengoba eliphezulu kunazo zonke lagcina ngo-2013.

Ngo-2025 kwadayiswa eziwu-47 994 ngenyanga efanayo, okusho ukuthi kulo nyaka enyangeni
ka-February, inani lezimoto ezidayisiwe, linyuke ngo-5,461.

Izimoto ezidayiswe ngaphandle kwaseMzansi (exports), zibe wu-24,221, okusho ukuthi imboni ilahlekelwe wu-28,1% njengoba ngo-February ka-2025 kwathelekiswa eziwu-33,684.

Uhlobo lwezimoto ezidayise ukuzedlula zonke kulo mkhakha, kube ngamaveni amancane nezithuthi zomphakathi (bakkie and minibus), zidayise inani lika-13,218, ukwedlula ezangonyaka odlule ngesikhathi esifanayo, ezadayisa u-11,816.

Image

Nalu uhlu lwezimoto:

1. Toyota – 12 272
2. Suzuki – 6 562
3. Volkswagen Group – 4 895
4. Hyundai – 3 136
5. Ford – 2 928
6. GWM – 2 614
7. Isuzu – 2 371
8. Chery – 2 312
9. Mahindra –
10. Kia – 1 746

Nakuba lezi zikhale ngaphansi kweziyishumi ezihamba phambili, zona zimi kanje; Jetour endaweni yesi-11 (1 673) bakhule ngo-7.9%, ekudayiseni kwazo uma kuqhathaniswa noJanuary, balandelwa yi-Renault (1 424), kuze i-Omoda & Jaecoo endaweni ka-13 ngokudayisa izimoto eziwu-1 297, kwathi abakwa-BMW bathola indawo ka-14, ngokudayisa eziwu- 1 237, kuhlanganiswa nezimoto zeMini Cooper, iNissan yona ebe wunombolo 15, ngokudayisa eziwu-1 204.

 Iningi labathengi lisenamandla okuthenga izimoto ezintsha 

Nakuba umbiko wezezimali ka-2026, uveze ukwenyuka kwentela kuwoyela nophethiloli, imibiko evezwa ngokuthengwa kwezimoto, ithi abathengi basenamandla okuthenga izimoto ezintsha.

Kuyadinga ukuba iqashelwe eyokuthelekiswa (exports) kwezimoto ezimakethe zomhlaba yizwe laseNingizimu Afrika, ngoba umthelela wayo kawumuhle.

Kuyadinga ukuba sikuqaphele ukwenyuka kwezimoto ezithengwayo, ezivela kwamanye amazwe, lokho kukhomba ukuqonda nokuhambisana nezidingo zabathengi, okuhambisana nobuchwepheshe besimanje.