Izindaba | 14

Friday, 07 March 2025

Kulobe: uThandi Zondi

Ezempilo

 Kunxuswa umphakathi  ukuba ugome, kulandela ukwenyuka kwesibalo sabakhwehlelayo


Kuthiwa yinto eqala njengomkhuhlane, iqonge ukusuka lapho...

Image

KUGQUGQUZELWA abazali ukuba basukumele ukugonywa kwezingane. Lokhu kulandela ukwenyuka kwesibalo sabahlaselwe ukukhwehlela into engapheli, selokhu kuqale unyaka, okwaziwa ngelePertussis .

Isikhungo esibhekelele izifo ezithathelanayo iNational Institute for Communicable Diseases (NICD), sithi abazali kumele baqinisekise ukuthi izingane eziphakathi kweminyaka ewu-6 kuya 12, ziyagonywa.

Le nhlangano ithi isibalo esiqinisekisiwe salokhu kukhwehlela ngesabantu abawu-161, kusukela ekuqaleni kukaJanuwari kuya kumhla ka-22 Febhruwari nonyaka.

Lokhu kwenyuka kwesibalo, lesi sikhungo sithi kuchaza ukuthi kumele kwenyuswe amasokisi ezikhungweni zezempilo zikahulumeni ukuqinisekisa ukuthi izingane ziyagonywa.

Image

 ABAZALI nabanakekela izingane banxuswa, ukusukumela ukugoma.

Ngonyaka owedlule (2025), kubikwa ukuthi
bebewu-614 abahaqwe yilokhu kugula. Nakuba isibalo sithande ukwehla ngasekupheleni konyaka uma kuqhathaniswa nasekuqaleni kwawo, besiphezulu
ngo-2022 kuya ku-2023.

Uhhafu wesibalo (56%) ubuhlasele ikakhulu ezinganeni ezingaphansi kweminyaka ewu-5. Kanti kubantwana abanezinyanga eziwu-6 kuya phansi, isibalo besiku-29%. Lokhu-ke kuchaza ingcuphe kubantwana abakulesi sigaba, kanti kubalulekile ukugonywa kwabesifazane abakhulelwe.

Image

 Abakhulelwe bagqugquzelwa ukuba bangasali ekugonyweni. 

Kuthiwa umgomo walo mkhuhlane ungahlala iminyaka emihlanu kuya kwesiyisithupha egazini. Izimpawu zalo mkhuhlane ziyehluka kumuntu ngamunye.

Uma usaqala ubonakala njengomkhuhlane owejwayelekile, kanti kungenzeka phezu kwalokho kube nokucinana emakhaleni, uhlushwe amafinyila, ubuhlungu obuncane bomphimbo nokukhwehlela okomile.

Ngemuva kwezinsukwana kuyaqala kube kubi, kukhwehleleke kakhulu, kwesinye isikhathi lokhu kulandelwe wukuphalaza.


Zonke izingane kumele zithole iconsi lomgomo
we-pertussis ezinyangeni eziwu-6,10, 14 neziwu-18.

Ngo-2024 le nhlangano ithi ezikhungweni zezempilo zikahulumeni, iconsi labeminyaka ewu-6 no-12 lafakwa ohlwini lwemigomo. Kanti kwabesifazane abakhulelwe kubalulekile nabo ukuba bathole lo mgomo kanye, ukuze ingane ivikeleke ezinyangeni eziwu-6 zokuqala izelwe, ngoba isuke isebuthaka ngokwempilo.
tzondi@ilanganews.co.za