09 | Izindaba
Friday, 6 March 2026
NguXolly Mncwango ocula i-gospel.
Lucky Cain
KUZOKHULEKELWA izingozi zomgwaqo nodlame olubhekiswe ezinganeni nakwabadala ngomcimbi obizwa ngeSihlengiwe Pre-Easter Gospel Festival, ozobanjelwa eMhlathuze Sports Complex, ngomhla ka-27 kwephezulu.
Lo mcimbi ozobe uqala ukwenzeka kulo nyaka, kulindeleke ukuba uhehe izinkumbi zabantu, uzokwenzeka ngempelasonto eyandulela eyePhasika.
ULindani Dladla ongumhleli walo mcimbi uthe, bazobe befaka abantu emuzweni wePhasika ngawo, futhi bazimisele ukuthi kube wumcimbi waminyaka yonke. Uthe ukugqoza kwemicimbi
ye-gospel endaweni yaseMhlathuze namaphethelo, yikhona okubagqugquzele ukuba baqhamuke nalo mcimbi, kwazise luyathandwa lolu hlobo lomculo ezindaweni ezakhelene nale ndawo.
NguDumi Mkokstad ongumculi we-gospel.
Ubale umculi uXolly Mncwango njengokwazile ukubeka indawo yaseMhlathuze namaphethelo ebalazweni ngalo mculo.
"Akuyena uXolly kuphela, baningi nabanye esinabo okumele sibavulele amathuba ngalo mcimbi. Inkinga esinayo wukuthi sinabo abaculi, kodwa imicimbi yokuzibonakalisa iyagqoza, ngakho lo mcimbi uzoba yikhaya labo lokuthi bazibonakalise," esho.
Uthi nakuba bekhona abaculi be-gospel eMhlathuze, kodwa kabavamisile ukuthi babonakale benandisa khona. Uveze ukuthi okunye okuhle ngalo mcimbi wukuthi uzohlanganisa abaculi baseMhlathuze namaphethelo nalabo asebezakhele igama kuleli nangaphandle.
Uthe kulo mcimbi kuboshelwe abaculi okubalwa kubo uXolly Mncwango, Sipho Makhabane, uDumi Mkokstad, Thinah Zungu nendodana yakhe uNdumiso Zungu, uKhaya Mthethwa, i-Oncemore Six, uSindi Ntombela, uMangobe, uNgosi Ngema nabanye.
NguSindi Ntobela ongumculi we-gospel.
Abaphathi bohlelo kuzobe kunguLinda Sibiya noDennis Nzonzo Ntombela.