06 | Izindaba
Friday, 6 March 2026
Kuthiwa uLungelo ubekhala ngokuthi uJumbo umgadile, ugada ngisho ama-status akhe
Kuvela ukuthi i-albhamu abebeyenze ndawonye, ebekumele iphume, ibhuntshile...
Ngumculi womculo wokholo uLungelo Hlongwane.
Mthobisi Sithole
USEZIMELE ukucula yedwa umculi weGospel uLungelo Hlongwane, osekhiphe i-Extended Play (EP) enezingoma ezimbili, washiya okuthiwa ubeseyikhiphe ngaphansi kukaJumbo.
Isihloko se-EP kaLungelo sith,i "Imvula" okuyiyona ngoma agabe ngayo. Lo mculi utshele ILANGA Lempelasonto ukuthi inkosi izomupha amandla okuziqhubekela nomculo wakhe engasasebenzisani nabathile. Lezi zingoma uzikhipha ngaphansi kwenkampani yakhe, i-Abongwe Events and Communication.
Uveze ukuthi akasiyena umuntu wezindaba nothanda ukukhuluma, konke okukhulunywa ngaye okubi ukuyekela enkosini, uzoqhubeka nokucula, athandaze.
Uphawula kanjena nje, leli phephandaba libike ngokungaboni ngaso linye phakathi kwakhe noJumbo, obekwaziwa ukuthi bangamathe nolimi. Laba baculi bobabili bebesebenzisana emcimbini okumenywa kuyona uJumbo, behamba ndawonye , bangena bobabili esteji.
NgokweLANGA Lempelasonto emasontweni amabili adlule, liveze ukuthi uLungelo ushiye phansi uJumbo waduba ukusebenzisana naye ekhala ngezenzo zikaJumbo. Kwenzeka lokhu nje, kuthiwa ubeseqophe i-albhamu ngaphansi kukaJumbo, obekulindeleke ukuba iphume okuvela ukuthi ibeyizindleko ezinkulu, kubhoboke iphakathe kuJumbo.
Ngokwemithombo yaleli phephandaba, ithi uLungelo ubekhala ngokuthi uJumbo uyamlawula ngoba nakhu emenzela izinto eziningi, emeseka emculweni. Kuthiwa uJumbo usondeze uLungelo ngoba efuna ukumfukula.
Kuthiwa uLungelo ubehlala emqashweni obukhokhelwa nguJumbo, okuthe uma engasanelisekile, washiya phansi, wabuyela kubo eMlazi, eThekwini.
Lezi zinkinga zokungaboni ngaso linye kwabo, ziholele ekutheni angabonakali uLungelo nangesikhathi uJumbo egubha usuku lwakhe lokuzalwa kubo eMzimkhulu ngenyanga eyedlule, njengoba kwakumenywe abaculi abaningi beGospel.
Kuphinde kwagqama nangoMgqibelo odlule
kwiLive Concert kaJumbo ePlayhouse, eThekwini engabonwa nangokhalo uLungelo.
Eziphawulela uLungelo, ngezinsolo zokuxabana kwakhe noJumbo, uthe kayikho ingxabano ekhona phakathi kwabo.
"Ukuhlukana nomuntu kakuchazi ukuthi nixabene. Nentombi iyakwala uma ingasenalo uthando, kodwa akuchazi ukuthi nisuke nixabene. Ngingaxabana kanjani nomuntu omdala kumina?," kusho uLungelo.
mthobisis@ilanganews.co.za