05 | Izindaba
Friday, 6 March 2025
Imipheme namatende okwakhucululwa wumasipala, sekubuyele
'Silinde umasipala ukuthi ufike njengoba wasibeka la, wathi asilinde singasuki sizozwa ngawo"
Esithombeni amatende asekhuza ibuya ngemuva kokuba ediliziwe emasontweni ambalwa edlule.
Isithombe: John Hlongwa
John Hlongwa
ISEYINZUKAZIKEYI njengokuphuma kwentombi emgonqweni, indaba yamaphara ahlala emgwaqweni osenkabeni yeTheku, uChe Guevera, obewaziwa ngokuthi uMoore Road phambilini, njengoba esekhuze ibuya kule ndawo kungakapheli namasonto ababili exoshiwe.
Emasontweni amabili edlule, ILANGA elinguzwakwabo weLANGA Lempelasonto, libike kabanzi ngokungcola okukulendawo, nezakhamizi ezakhele idolobha zikhalela ukuphepha kwazo njengoba amaphara ayegxumeke imipheme yoseyili naphakathi emgwaqweni.
Lokhu kwenze uMasipala weTheku wasukumela phezulu wayokhuculula, kwashaya umoya.
Muva nje, imipheme eyayisuswe wumasipala seyibuyile, yagxunyekwa njengaphambilini.
Izolo, ngoLwesine, ILANGA Lempelasonto ligasela kuyona le ndawo, lakhuluma nosekomidini lokuhlanzwa kwale ndawo, uSimangaliso Sibiya (26), ongowukudabuka eMpangeni, othi wafika kule ndawo ngo-2019.
USibiya osezivulele ibhizinisi lakhe lamakhekhe awadayisela ozakwabo, uthe bona balinde umasipala ukuba ubayise endaweni ephephile.
"Njengoba ngihlala la emgwaqweni, ngiziphilisa ngokudayisela abafowethu esihlala nabo la.
"Sihleli nje la, silinde umasipala ukuthi ufike njengoba wasibeka la, wathi masilinde singasuki, sizozwa ngawo ukuthi uzosisusa la, uyosibeka kuphi.
"Ngeke sikwazi ukuzisukela singatsheliwe yiwona, ngoba kobe sesiphula umthetho," esho.
Ngesikhathi ILANGA linengxoxo nalaba abahlala emgwaqweni, kufike imoto emhlophe ebigcwele amaphoyisa kamasipala, afike abuza imibuzo enzima, eyibhekise kuleli phephandaba, efuna ukuthola ukuthi lilandeni kule ndawo.
Kayikho nencane into ake ayibuza ayibhekise kulaba bahlali basemgwaqeni.
UMnu Kasjumo Babangoma, odabuka eKenya, ongusihlalo wekomidi elibhekelele inhlanzeko kule ndawo, ukuqinisekisile ukuthi sebekhuze ibuya.
Embikweni waleli phephandaba odlule, umasipala wathi wenza ngokusemandleni ukutholela laba bantu indawo ephephile yokuhlala. hlongwaj@ilanganews.co.za