03 | Izindaba
Friday, 6 March 2026
Kune-post ebizungeza ezinkundleni zokuxhumana, egqugquzela abalandeli ukuba bayokhononda ekomkulu...
NGUMQEQESHI weKaizer Chiefs, uCedric Kaze, oseyiqaqa kubalandeli baleli qembu.
Skhosiphi Mthembu
UKUNENEBULWA imidlalo ilandelana kwezinkunzi zaseSoweto, iKaizer Chiefs, kwiBetway Premiership, sekuqubule uqhekeko kubalandeli, njengoba kuzungeza imibiko ezinkundleni zokuxhumana ezimayelana nemashi eya eNaturena kusasa ngoMgqibelo, ehlongozwa ngabangeneme ngale kilabhu.
YINGXENYE yabadlali beziMpofana eseziphenduke inhlekisa ngokuhlulwa imidlalo ilandelana.
Lokhu sekususe impikiswano kubantu abaningi ezinkundleni zokuxhumana iTikTok, iFacebook nezinye. Kubonakale i-post ekhuluma ngokuhlangana kwabalandeli balekilabhu, bebheke kwekomkhulu layo.
Kuthiwa inhloso yalo mhlangano wukuhambisa izikhalo zabo ngokungenzi kahle kweziMpofana. Kule post, kuzwakala nezwi lowesifazane ekhala ngokuthi, sekwanele, kumele ilungiswe ikilabhu.
SEKUYINTO esiyinjwayelo ukudangala kwabalandeli beKaizer Chiefs, njengoba iwukudla kwenduku.
Uzwakala ethi amagatsha ahlulekile, mawabuyele eceleni, bona bazozibambela mathupha ngoba ikilabhu ifile, yingakho kufanele ilungiswe yibona abalandeli.
Kusabalala le post nje, izinto kaziyihambeli kahle iChiefs, esihlulwe imidlalo emine ilandelana.
Le kilabhu ikhishwe kabuhlungu kwiCaf Confederation Cup, ihlulwa yiZamalek yaseGibhithe, yaxetshulwa yiStellenbosch FC, kwiNedbank Cup.
Abalandeli, sebazwakalise ukungenami kwabo ezinkundleni zokuxhumana ezahlukene, bakhala ngokungaqashwa kwabaqeqeshi abanomgogodla, abazokwazi ukuyisa le kilabhu phambili.
Abanye bakhala ngokungathengwa kwabadlali abaseqophelweni eliphezulu.
Emuva kwale post esabalele, ILANGA Lempelasonto likhulume noNkz Cinderella Mhlongo okwaMarketing, egatsheni laseThekwini, oziqhelelanisile nale post, ezeseka ngokuthi laba abagqugquzela le mashi, ngabantu abangekho ezinhlakeni ngokusemthethweni eqenjini.
Uthi bona njengamagatsha, kabayona ingxenye yayo ngoba uma benezikhalo, bayayazi imigudu elandelwayo.
Ube eseluleka abalandeli abahlela ukuya eNaturena ukuba kebalinde ubuholi bekilabhu, bangaxhamazeli benze izinto ngendlela yakhona.
UMnu Vina Maphosa ongumxhumaninsi wabalandeli beChiefs, uthe bawabonile ama-post asabalele, kodwa abekho abantu asebeke babathinta mayelana nombhikisho.
Uthe ngokujwayelekile uma kuzoba nombhikisho, kuyaye kuyiwe emaphoyiseni kuyocelwa imvume, bese kuba nomhlangano ababizelwa kuwona kudingidwe lokhu.
Uthe njengamanje kabakaze bathintwe ngamaphoyisa noma babizelwe emhlanganweni omayelana nemashi okuthiwa ingoMgqibelo.