02 | Izindaba
Friday, 06 March 2026
Kunxuswa abantu baseNingizimu Afrika,
abase-Middle East, ukubuya ngokushesha ithuba lisavulekile
NGUMENGAMELI waseMelika, uMnu Donald Trump.
UMNYANGO wezobuDlelwano namaZwe oMhlaba, uyalele abantu baseNingizimu Afrika abavakashele emazweni aseMiddle East, ukuba babuyele kuleli ngokushesha, njengoba kuqhubeka izimpi phakathi kwe-Iran ne-Israel, ihlangene neMelika.
Lokhu kushiwo yilo mnyango ngesikhathi ukhipha izibalo zabakuleli abakulawaya mazwe, ababhalise imininingwane yabo ohlelweni lomnyango, iTravel Smart.
Lo mnyango uthi kusongwe usuku lwangoLwesitha-thu isibalo sababhalisile sesifinyelele ku-6 400.
"Sinxusa abakuleli abahambele lawa mazwe ngokuvakasha, ukuba basebenzise leli thuba elisavulekile, babuye njengoba zikhona izindiza ezimbalwa, ezisebenzayo.
"Lokhu sikusho ngoba kubukeka sengathi impi isazoqhubeka.
Usizo lokuchushiseka kulokhu, luyatholakala ngokuxhumana nomnyango ngezindlela ezifanele, ezitholakala ku-www.dirco.gov.za," kusho umnyango.
Uzokhuculula ukungcola emaphoyiseni, ungqongqoshe osabambile, uCachalia
UZOQOKA ithimba lesikhashana "elizokhuculula ukungcola" emaphoyiseni, uNgqongqoshe wamaPhoyisa obambile, uSolwazi Firoz Cachalia (osesithombeni).
UCachalia ubephendula amalungu ePhalamende ngoLwesithathu, mayelana nezinyathelo azozithatha ngeziphakamiso ezenziwe yiKhomishini kaMadlanga.
Uthi nakuba lukhona uhlaka oluphenya izinsolo ezibhekiswe emaphoyiseni, i-IPID, kodwa ukholwa wukuthi kudingeka isandla sangaphandle, ukuqinisekisa ukuthi konke kwenzeka ngendlela.
Uthi phezu kwalokho, wonke amaphoyisa anukwe ngenkohlakalo kule khomishini, okubalwa kuwo nakaMasipala wase-Ekurhuleni, asemisiwe emsebenzini.
Uthi uhlela ukuthi kwenziwe ucwaningo ngempilo ephilwa ngamaphoyisa, ikakhulukazi lawa asezinhlakeni ezifana neCrime Intelligence.
I-Multichoice imemezele ukuthi iyayivala iShowmax
EZIMBI kubathandi be-Showmax, njengoba inkampani iMultichoice, imemezele ukuthi izoyivala le nkampani maduze.
I-Multichoice iveze lokhu ngoLwesine.
Ngokusho kwayo, seyinekhathi eside icubungula ngokuvalwa kweShowmax, eyasungulwa eminyakeni ewu-11 eyedlule, ngenxa yokungenzi kahle kwayo ohlangothini lwenzuzo.
IShowmax ikuqinisekise ngesitatimende ukuthi iyazi ngesinqumo sokuvalwa kwayo.
"Sibeke phambili abasebenzisa iShowmax.
Njengamanje siphezu kohlelo lokuqinisekisa ukuthi sixhumana nabo bonke ngendlela efanele, futhi kungaphazamiseki lutho uma sekufike isikhathi sokuthi sivale," kusho abeShowmax.
Abe-IEC, bakhathazekile ngokwehla kwezinga lokwethenjwa kwezinhlaka zikahulumeni
UNKK Ntombifuthi Masinga, oyiSikhulu esiphezulu sakwa-IEC, eKZN, uzwakalise ukukhathazeka ngokwehla kwezinga lokuthembela kuhulumeni nasezinhlakeni zawo, kwezakhamizi zaseKZN.
UNkk Masinga ubekhuluma ngesikhathi i-IEC ihlangene nabantu abasha eThekwini, nezinhlangano ezingenzi nzuzo, ukuzodingida ezokhetho lohulumeni basekhaya, ngoLwesithathu.
Uthi ucwaningo lwabo lwakamuva, lukhombise ukwehla kwethemba lokuthembela kuhulumeni kubavoti baseKZN.
Uthi ubona kunesidingo esikhulu sokuba kufundiswe kabanzi izakhamizi zakuleli, ngokubaluleka kokuvota.
"Njenge-IEC, sisalelwe wumsebenzi omkhulu wokufundisa izakhamizi zakuleli.
"Lelo themba lingabuyiswa wukuthi izakhamizi zizibandakanye nokuvota.
"Siyafisa futhi izakhamizi zifunisise ulwazi ngomsebenzi we-IEC, ukugwema ukusabalala kokungelona iqiniso," esho.