08 | Izindaba

Friday, 06 February 2026

Image

Iseluleko kwabafuna ukufaka izicelo zoxhaso lweNSFAS


Kuchithwe abafundi abawu-116 000

Thandoluhle Ngubo

WELULEKE izitshudeni ngokusebenzisa imininingwane efanele uma zigcwalisa amaphepha okucela uxhaso esikhwameni esixhasa izitshudeni eziswele, iNational Student Financial Aid Scheme (Nsfas), uMnu Waseem Carrim, oyisikhulu esiphezulu salesi sikhwama.

UCarrim ubekhuluma ngoLwesine ngesikhathi ethula umbiko ngokusebenza kwalesi sikhwama, njengoba kulindeleke ukuba kuqale ukufunda nokufundisa ezikhungweni zemfundo ephakeme ngesonto elizayo.

Uthe abakutholile wukuthi izicelo eziningi zigcwaliswe ngendlela okungeyona.

"Ngingaqinisekisa ukuthi ezicelweni ezingaphezu kuka-200 000, eziwu-180 000 kuzo sezifikile kithi. Eziwu-50 000 seziphasisiwe, abafundi bazoluthola uxhaso.

"Esikuqaphelile wukuthi ezinye zezicelo esizichithayo, zisuke zigcwaliswe ngendlela okungeyona. Uthola ukuthi imininingwane yomzali noma yomuntu omdala obheke isitshudeni, iyashayisana nale esiyihlinzekwa wuMnyango wezaseKhaya, nezinye izinhlaka esibambisene nazo.

"Kubalulekile ukuthi izitshudeni zikuqaphele lokhu, bese zisebenzisa imininingwane okuyiyona uma zifaka izicelo," esho.

Image

Uqhube ngokuthi lesi sikhwama sichithe izitshudeni eziwu-116 000, eziwu-13 000 kuzo zafakwa ohlelweni lwalesi sikhwama lokufunda ngesikweletu, iNsfas Missing Middle Loan Scheme.

Lolu hlelo lwethulwa ngokusemthethweni ngo-2024, ngenhloso yokulekelela izitshudeni ezinabazali abahola imali ephakathi kuka-R350 000 noR600 000 ngonyaka.

UCarrim uqinisekise ukuthi sezikhokhelwe izikhungo ukuze kuqale ukufunda nokufundisa. Ugcizelele ukuthi lesi sikhwama sizoqhubeka nokulwa nayo yonke inkohlakalo.

"Ngophenyo ebesilwenza, sikwazile ukuqoqa imali ewu-R1.7 billion, ebeyisezikhungweni ngendlela engafanele. Lokhu kukhombisa ukuthi sizimisele ngokulwa nayo yonke inkohlakalo.

"Sifake uR3.6 billion ezikhungweni ukuze kuqhubeke ukubhalisa nokulungiselela ukuqala kokufunda nokufundisa," esho.