20 | Ezemidlalo

Friday, 06 February 2026

I-TTM yesabisa ngokunyomfa iPirates kwiNedbank

Ithi okwagilwa yiBaroka kwiChiefs, bangakwenza kwiBucs

Image

NGUMQEQESHI weTshakhuma Tsha Madzivhandila, uLucky Nelukau.

Mfanafuthi Ndlovu

WESABISA ngokunyomfa izinhlelo ze-Orlando Pirates umqeqeshi weTshakhuma Tsha Madzivhandila (TTM) uma la makilabhu esetholena phezulu koweLast 32 yeNedbank Cup ngoMgqibelo ngo-15h00 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

ULucky Nelukau ongumlolongi wale kilabhu egijima kwiSafa Limpopo ABC Motsepe League, utshele ILANGA Lempelasonto ukuthi iPirates kufanele izibambe ziqine kulo mdlalo ngoba kabayesabi nakancane njengoba beliqonda kahle ibhola elidlalayo. Uthe abadlali bakhe bajabule ngendlela engachazeki njengoba beqhathwe nePirates, bafuna ukuzakhela igama ngokuyiwashisa ijezi zisuka nje kulo mqhudelwano.

Image

NGUMDLALI weTshakhuma Tsha Madzivhandila, uTumi Ngwepe nomqeqeshi wakhe uLucky Nelukau.

Uthi ngesikhathi enomhlangano nabadlali bakhe, ubakhumbuzile ukuthi uRelebohile Mofokeng – oyisiphekepheke seBucs – uneminyaka yobudala elingana neyabo, ngakho bangesabi lutho enkundleni. UMofokeng uneminyaka ewu-21 ubudala kanti usedlala ngisho naseqenjini lesizwe lakuleli, iBafana Bafana.

"Ngikholwa wukuthi umehluko okhona wukuthi iPirates igijima kwiBetway Premiership, thina sidlala kwiMotsepe League. Kodwa ngokwebhola, sizokwazi ukumelana nayo kuze kuphele imizuzu ewu-90. Ngeke kube wumdlalo olula, sizokulwa enkundleni. Empeleni singakwazi ukuyishaya iPirates. NeBaroka yethusa abaningi isuka eLimpopo iwashisa ijezi iKaizer Chiefs ekubeni iqhamuka kuma-amesha ngaleso sikhathi," esho.

Image

UMQEQESHI weTTM uthi ubadonse ngendlebe abadlali bakhe ukungamesabi uRelebohile Mofokeng weBucs enkundleni.

UNelukau uthe bazotheleka eThekwini ngoLwesihlanu ekuseni bese beqala amalungiselelo alo mdlalo anesiqiniseko sokuthi uzogijinyelwa enkundleni ezokube igcwele phama. Uthi kukhona amabhasi abawahlelele abalandeli babo baseLimpopo ukuza eThekwini.

Lo mqeqeshi udume kakhulu ngokufaka umfaniswano wamasosha uma iTTM idlala. Uveze ukuthi bakhethe ukuwuyisa eThekwini lo mdlalo ngenxa yokuthi ingqalasizinda yaseLimpopo yalinyazwa yizimvula. Uthe iCape Town bayibone iqhele kakhulu kubalandeli bale kilabhu ekubeni bebengeke bawuyise lo mdlalo eGauteng ngoba lokho bekuzovuna iPirates.