17 | Ezemidlalo
Friday, 05 September 2025
NGUMQEQESHI wePirates, u-Abdeslam Ouaddou.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
Senzo Sokhela
UBAMBE umoya ngabadlali bakhe abaseqenjini lesizwe iBafana Bafana umqeqeshi we-Orlando Pirates, u-Abdeslam Ouaddou.
IBafana izobhekana neLesotho koka-group C wokuhlungela iNdebe yoMhlaba ngoLwesihlanu ngo-18h00 eToyota Stadium, eBloemfontein.
Izobe isilandela ngeNigeria ngoLwesibili ngo-18h00, khona belu eToyota Stadium.
IBucs imelwe ngabadlali abawu-7 kwiBafana.
NguSipho Chaine, nguThalente Mbatha, ngu-Oswin Appollis, nguKamogelo Sebelebele, nguRelebohile Mofokeng, nguMbekezeli Mbokazi noSipho Mbule.
U-Ouaddou - okubikwa ukuthi usesibhedlela emuva kwengozi yemoto - emehlele nezinye izisebenzi zale kilabhu - uzwakalise ukuminca ngabadlali bakhe abakwiBafana, ngaphambi kokuba behlelwe yile ngozi.
"Siyi-Orlando Pirates siyikilabhu enkulu, ngijabule ngabadlali bami abaseqenjini lesizwe. Lena yimpilo ephilwa ngamakilabhu amakhulu.
"Nginethemba lokuthi bazolenzela lukhulu izwe labo, ngoba lokho kumqoka.
"Ngidlalile eqenjini lesizwe, ngiyabazi ubumqoka bokugqoka ijezi lesizwe. Engikumincele nje wukuthi babuye beyimiqemane bonke, ngoba kuza owamanqamu weMTN8 okufanele siwudlale," kusho u-Ouaddou odabuka eMorocco.
KUSUKA kwesobunxele; nguMbekezeli Mbokazi, nguRelebohile Mofokeng noThalente Mbatha beBucs, abayingxenye yeBafana Bafana.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
Lo mdlalo akhuluma ngawo - abazowugijima neStellenbosch FC - uzokuba ngoMgqibelo ozayo ngo-18h00 eMbombela Stadium, eMpumalanga, kanti amathikithi awo asedayiswe aphela.
IBucs ilwela ukunqoba iMTN8 amasizini amane elandelana, kanti iStellies izobe iyozama ukubuyisa izinduku, kwazise iPirates yaguqisa yona ngo-3-1 kowamanqamu wangesizini edlule.