14 | Izindaba

Friday, 05 September 2025

Imibono

Odabeni oluphume kwiLANGA ngoLwesine ngesiteleka samatekisi:

Baphawule kanjena abafundi bethu kwiFacebook:

Image

YONKE into ime nse izolo ngoLwesine nanamuhla ngoLwesihlanu, njengoba abamatekisi bebezipakile izithuthi.

01


MK Mapholoba:

MABAYEKWE ubone ukuthi uzophela yini u-3 days bengabuyanga, phela uToyota uzowadla la matekisi abo.

02


Isichaka Esitshelayo:

KUNZIMA ematekisini! Kawucabange nje sekuboshwa imoto yomuntu osatshwayo, bese kuthiwa makutelekwe. Kuteleka ngisho umuntu one-permit.  Yihlazo leli.

03


Paballo Letshoha:

MANJE bona bafuna ukusebenza ngaphandle kwama-permit yini? Kunabantu abasebenzisa amatekisi from Clermomt to Durban.

Njengoba amatekisi etelekile nje, kusho ukuthi bayapatanisa ukuya emsebenzini. Ngifisa kube sengathi bangawayeka unomphelo lawo matekisi uma esebuyile, bangawagibeli.

04


Nobuhle Mbuyazi Ka Mabhodla:

BONA bafuna kwenzekeni uma izimoto zabo zingenayo i-permit yokusebenza?
Amaphoyisa akwa-metro kawa-hlanyi emakhanda, enza umsebenzi wawo.

05


Brenda Vuyo:

ANAWO yini amaphepha, nisholo ukuthi banamanga?
Mmm, nina nivutha kanjena nihlukumeza umphakathi ngala matekiseni angabhreki, abulala abantu.

06


Ntwana Ntwana:

NIKANI abantu bamakhumbi asebe-aplayile ama-permit, bese niyababopha-ke abangenayo.

07


Ndoni Yamanzi:

UMA beteleka abagibeli bengayi emsebenzini, what if bephelelwa yimisebenzi?
Azogitshelwa wubani lawo matekisi?

08


Senzeni Senzeni:

MANJE ngoba bevala iGo Durban yaphela, bathi sihambe ngani?

09


Sicelo Bongokuhle Buthelezi:

UMA bethi kuthiwa abanawo ama permit, kanti baqanjelwa amanga yini?

10


Blesser Nkosikhona:

KANTI why lawo matekisi engenawo amaphemithi,
wona-ke?

11


Lindiwe Cele:

NJENGOBA belele, nabo bayali-mala nje kakhulu. La masenti abebewathola bazokwenzenjani vele uma bengasawatholi?
Hhayi kunzima emhlabeni kaJehova!

12


Nhlanhlo Fiks Nonkosi:

KANTI bona bafuna ukushayela ama-taxi engenawo ama-permit, bese belimaza abantu?

13


Njomane Sandile Mhlongo:

BAFUNA ukulawula uhulumeni.

14


Mlu Mdladla:

MABABOPHE abanikazi.