07 | Izindaba

Friday, 05 September 2025


Lo mdlalo uphele ngegiya eliphezulu ngeSonto eledlule...


Bathembisa isizini yesithathu eshubile abeShaka Ilembe


Sekuqaliwe ukuqoshwa umkhiqizo ozotshengiswa ngonyaka ozayo...

Image

 NguLemogang Tsipa olingisa indawo kaShaka noNomzamo Mbatha, olingisa indawo kaNandi kwiShaka Ilembe.

Lucky Cain 

INKAMPANI eyengamele iziteshi ezingaphansi kweDStv iMultiChoice, iqinisekise ukuqhubeka kwezinhlelo zokuqoshwa kwesizini yesithathu yomdlalo othi, Shaka Ilembe okuphele isizini yawo yesibili ngeSonto eledlule.

Esitatimendeni esikhishwe yile nkampani iveze ukuthi sekuqalile ukuqoshwa kwesizini yesithathu njengoba lingazange libe khona ikhefu. Lo mdlalo ngeledlule uphele ngegiya eliphezulu, kulindeleke ukuba isizini yesithathu iqukathe okunye okushubile ngombuso kaShaka nobuchule bukanina uNandi.

Image

 NguWiseman Mncube odlala indawo yenkosi uZwide, kwiShaka Ilembe.

Lo mdlalo usalokhu usematheni njengoba ugabe ngabalingisi abanohlonze, futhi abathandwayo eNingizimu Afrika, okukhona kubona uNomzamo Mbatha, Lemogang Tsipa, Wiseman Mncube, Dawn Thandeka King, Khabonina Qubeka, Mondli Makhoba, Andile Mxhakaza, Baby Cele nabanye.

Image

 NguDawn Thandeka King odlala indawo kaMkabayi kwiShaka Ilembe.

Isizini yesibili yalo mdlalo igxile kakhulu emlandweni wokuthatha isihlalo nokubumba isizwe kukaShaka.

Ngokwesitatimende kulindeleke ukuba isizini yesithathu igabe ngokunqoba izizwe kukaShaka, umbango nesizwe samaMpondo nokufika kwamaNgisi eholwa uFrancis Fynn, efika ePort Natal.

Image

 NguMondli Makhoba olingisa indawo kaNgomane, kwiShaka Ilembe.

Isizini yesithathu kulindeleke ukuba iphothulwe ngokubulawa kukaShaka.

Isikhulu esiphezulu sakwaMultiChoice, uNkz Nomsa Philiso sithe ngesikhathi bememezela ukukhonjiswa kwalo mdlalo, babezethemba ukuthi bazolenyusa izinga lokuqopha, baveze umlando ngendlela. 

UDesiree Markgraaff wenkampani eqopha lo mdlalo iBomb Productions, uthe unethemba lokuthi isizini yesithathu izokwamukelwa
ngesasasa njengoba kwenzekile kulawa adlule.

Kulindeleke ukuba lo mdlalo ubuye ngonyaka ozayo.