05 | Izindaba

Friday, 05 September 2025

Image

NGUNTOKOZO Mbambo nomyeni wakhe uNqubeko Mbatha, abangabashadikazi abasemkhakheni we-gospel.

Ubuya nezintandokazi umzungezo
we-gospel


I-United Tour, inika abantu ithuba lokubona
lezi zithandani zinandisa ndawonye.


Lucky Cain

UKHUZA ibuya ngegiya eliphezulu umzungezo kaNqubeko Mbatha noNtokozo Mbambo, abangabashadikazi abadumile emkhakheni womculo we-gospel, obizwa nge-The United Tour.

Sekuphele iminyaka eyishumi ungenziwa lo mzungezo, njengoba ubuya manje. Waqalwa yilaba bashadikazi ngo-2012, ngenhloso yokunikeza abantu ithuba lokubabona bobabili benandisa esiteji esisodwa.

Kusukela lapho, unyaka nonyaka bebelokhu bemema ozakwabo abahlukene, bazungeze nabo bethokozisa abathandi bomculo we-gospel.

Ngokusho kukaNqubeko, ophinde abe ngomunye wabanikazi benkampani iKoko Records, nakuba lo mzungezo bawuqala ngo-2012, kodwa bekubuye kube neminyaka lapho bebengawenzi khona ngenxa yezingqinamba ezahlukene, abahlanga-bezana nazo emculweni.

Uthe yizona lezo zingqinamba ezenze bathatha iminyaka eyishumi ukubuyela eThekwini, njengoba lo mzungezo wagcina ngo-2015, kuleli dolobha abalithatha njengekhaya labo.



Image

Umzungezo uzoba ngomhla ka-20 September e-ICC, eThekwini

"Siyazi ukuthi kade sagcina ukuba sekhaya ngalo mzungezo, kodwa siyajabula ukuthi siyabuyela ngalo mzungezo, futhi (abantu) sibathembisa into yomhlaba, abangasoze bayikhohlwa," kuchaza uNqubeko.
 

Lo mzungezo ozoba ngomhla ka-20 kwephezulu, eNkosi Albert Luthuli International Convention Centre, eThekwini.


UNqubeko unxuse abangakawathengi amathikithi ukuba bangadembeseli njengoba edayiswa ubuthaphuthaphu.

"Sekunesikhathi savula ukuthengwa kwamathikithi, kanti esingakusho wukuthi ayathengwa impela. Abantu mabaphuthume ukuze bangaphoxeki ngosuku lomcimbi," esho.

Laba baculi bazobe bephelezelwa ngozakwabo emculweni, okubalwa kubona uKhaya Mthethwa, uXolly Mncwango, uHle noMangaliso.

Kuzonandisa noProsperity Buthelezi, abamthole emncintiswaneni wezinkundla zokuxhumana

UNqubeko uthe kulo mcimbi, bazophinde babe nethalente elisha, alivundulule ngesikhathi eqhuba umncintiswano ezinkundleni zokuxhumana.

"Sivundulule ithalente likaProsperity Buthelezi, ozobe enathi esiteji ngosuku lomcimbi," kusho uNqubeko.

Uthi ngesikhathi lo mzungezo useGoli ngo-June nonyaka, bavundulula elinye ikhono likaFatso, naye owacula nabo kulo mcimbi.

Uthe amathikithi atholakala eWebtickets, ePick and Pay, nasezitolo zakwaBoxer.