19 | Ezemidlalo
Friday, 05 June 2026
NGUMQEQESHI weMIlford, obuye abe ngumnikazi wayo, uXanti Pupuma.
ISITHOMBE NGABE: BACKAPGEPIX
Mfanafuthi Ndlovu
IYAKHANYA indlela yeMilford FC ebheke ekunyukeleni kwiBetway Premiership ngokunqoba imidlalo yePremier Soccer League (PSL) Promotional Play-Offs.
Le kilabhu iqhwakele kwi-log yale midlalo, eyigijima neMagesi FC eyisibili, neCape Town City ebambe ibhuleki.
Womathathu la makilabhu asedlale imidlalo emibili, iMilford inamaphuzu awu-6, iMagesi inamathathu, iCity ineqanda.
IMilford izodlala neCity ngoMgqibelo ngo-15h00 eMhlathuze Sports Complex, eRichards Bay.
Ihambela phezulu njengoba ngoLwesithathu yehlule iMagesi FC ngo-1-0 kuyona le nkundla.
UDkt Xanti Pupuma ongumnikazi futhi ongumqeqeshi weMilford, utshele abezindaba ukuthi kuyamjabulisa okwenziwe ngabadlali bakhe kule sizini.
NGUMENZI "Deco" Chili, ongenye yezinjini zeMilford.
ISITHOMBE NGABE: BACKAPGEPIX
Uthe konke sekusezandleni zabo ngokunyukela kwiBetway Premiership.
Uthe ngokubona kwakhe, wumlingo kuphela osewungama phambi kwabo.
"Sekufanele siwuqedele thina umsebenzi ngokushaya iCity ukuze siye kwiMagesi singasenayo ingcindezi ngoba kasisadingi okuningi.
"Ngiyaziqhenya ngabadlali bami, kufanele bakujabulele ukudlalela iMilford. Nginabadlali abaningi abasebancane, abasafuna ukukhulisa amagama abo ebholeni lakuleli, futhi asebehlale kule kilabhu isikhathi eside," esho.
Kubadlali ababhekiwe beMilford ukufaka le kilabhu esigabeni esikhulu; nguSiphosethu Ndlabi, uMvelo Zikakayo, uSiphamandla Hleza owala ukhasha ezintini ukukha nje phezulu.
ICity ingase igabe ngoNjabulo Ngcobo, uKeagan Dolly no-Emile Witbooi ukubala nje abambalwa.
IMagesi FC isizoze idlale neCity ngoLwesithathu ngo-15h00 e-Athlone Stadium, eCape Town, ngaphambi kokugoqa le midlalo ngokushukana neMilford ngomhla ka-13 eLimpopo.