13 | Izindaba

Friday, 05 June  2026

Image

I-JMC Vigus izibona izozidlisela ogageni izimoto ezikulo mkhakha


Amanani ayo aphansi, futhi ihambisana
nezidingo ezahlukene


Ishay' izule: noZandile Tembe

I-JMC Vigus izibona izodlisela izimoto ezikulo mkhakha ogageni ngenxa yamanani ayo aphansi, nokuhambisana kwayo nezidingo ezahlukene.

Ngo-April,
ILANGA Lempelasonto libike ngokwethulwa kabusha kwamaveni
akwa-JMC Vigus, emcimbini okhethekile wama-4x4 wezintatheli eGoli.

Njengokwesithembiso sethu, abakwa-JMC basinike isonto lonke lokuzizwela iVigus, njengoba sagcina ukuqwala ngayo kuma-trail.

Iheha nabaqonde ukwenza umsebenzi ngamaveni, nabafuna ukuyisebenzisa njengomndeni

Kucace zisuka nje ukuthi abakwa-JMC, baqonde ukuheha labo abahlose ukuqhuba umsebenzi ngamaveni, baphinde bakwazi ukuyisebenzisa nanomndeni.

Bekubalulekile ukuyibona ukuthi izomelana yini nezidingo zomuntu onjengami, osebenzisa imoto ukufeza izindlela zomndeni, ibhizinisi nezinye izidingo.

Ubukhulu bayo ngemuva njengoba iyi-double cab, yikho okukuthathayo, nakuba iyisilwane ngaphandle ngenxa yokwakheka kwayo.

Isikhala ezihlalweni ezingemuva sikhulu kakhulu, kwanela zonke izikhwama zabantwana nezemidlalo ngisho igilosa
.

Image

Lokho nje kuyibhonasi ngoba kusho ukuthi ngemuva lapho iveni ithwala khona usanesikhala esikhulu sokuthwala ezinye izinto njengoba ingathwala isisindo esiwu-915 kg.

Ukuphakama kwayo kwenza kube lula ukubona lapho ubhekene nesiphithiphithi somgwaqo. Njengoba ngiyishayele kakhulu edolobheni, ngiyithole inethezekile, ikwazi futhi ukumelana nemigwaqo emikhulu nemincane.

Ikhamera yayo yangemuva isiza lapho upaka ezindaweni ezincane, ikakhulukazi ngoba ivulekile, ngakho kawubi nankinga ngoba futhi igibela noma yikuphi
.

Image

Abakwa-Vigus bazamile nokwenza ingaphakathi libukeke, licishe libe sezingeni lemoto encane ngenxa yokwakheka kwezihlalo nobuchwepheshe bakhona.

Iyisimanjemanje indlela eyakheke ngayo ngobuchwepheshe, njengoba iza nalezi zinhlaka eziyenza ingabi nje yiveni, kodwa ithi thuthu.

I-touchscreen ewu-12.8 inch, inalo lonke uhlobo lwe-infotainment, ungaxhuma umakhalekhukhwini wakho kwi-Apple CarPlay ne-Android Auto.

Ine-cruise control, kanti ingaxhuma nge-bluetooth lapho ufuna ukuxhuma umculo wakho, kanti futhi inaso isiqandisi
.

Image

Njengoba sasibikile phambilini, iVigus inohlobo lwe-4x2 single cab eyi-manual, nama-4x4 ayi-manual, nohlobo lomshini ozishintshayo.

Amanani asukela ku-R399 900 kuya ku-R499 900. Kuya ngohlobo olukhethayo, njengoba injini enkulu yayo iwu-2.5 wamalitha, eyi-turbodiesel yona iza no-8 speed womshini ozishintshayo, okuwuhlobo oluphambili ebesihamba ngalo
.

Image