11 | Ezikaqedisizungu
Friday, 05 June 2026
Uze ungawuyeki lo mkhuba wakho omuhle...
MaDlamini uyazi ngiyawuthanda lo mkhuba wakho omuhle. Uze ungawuyeki ntombenhle ngoba uyasijabulisa siyile-gender. Unyaka nonyaka awulenzi iphutha, uhlala uhlale usigeze izinhliziyo ngalezi zithombe zakho ezinhle.
Lesi simomondiya nguMinnie Dlamini, ungusaziwayo ongumethuli wezinhlelo zikamabonakude. Yintokazi ebidlisela ezinye ogageni ngesikhathi isamodela. Ngumlingisi lo ophinde abe nguphrojusa, kanti yena uzichaza njengedayimane lase-Afrika.
Uyi-leadership✊🏾✊🏾✊🏾 nkosazana, abanye odade kumele bafunde la kuwena ukuthi kwenziwa njani. Ohheee pho yinhle yini intombi yomZulu. Into engikitaza inhliziyo ukuthi nami ngisenalo ithuba lokubeka elilodwa noma amabili. Incane into engijabulisayo, lokhu osukwenzile nje usuwubusisile umphefumulo wami.
Ubothi uma useDebheni swirathi ungithumelele u-hallo, ngifuna ukukujikisa ebhayisikobho, ngikuphakamele nje siyoshaywa umoya wolwandle yize kusebusika. Angiyivume eyokuthi ngiyazithandela la kuwe...❤️