10  | Ezikaqedisizungu

Friday, 05  June  2026

Woza Nazo Mzala

Image

Funda ukuvala imbobo yophuthu, Makhadzi!

LE ntokazi enguMakhadzi, kumele ike izifundise ukuthula njengozakwabo abasemculweni. Buka manje abalandeli "bayitapise udaka", seyixolisa into engapheli.

Kubulawe umfana ongumTsonga, kwasabalala indaba yokuthi ubulawe ngoba engowokufika. Gubhubhu, amaphoyisa athi lo mfana ubulawe yizinqumo zakhe ngempilo yobugebengu.

Hhayi kunzima ezweni, Makhadzi mnta kamama phuma empini yobuhlanga, isiphetho kasejwayele ukuba sihle kwabadumile.

Image

UMzala uyakujaja Sne ngokungayazi iminyaka yengane yakho

NGIZWE uSne Mseleku ethi usekhathele wukuhlekwa ngokuphoxa umndeni wakubo ngokuba nezingane.

Le ntokazi ithi iyazisola ngokwenzeke empilweni yayo, izibona iyisiphoxi, ithi isiyoze ibe nengane emshadweni manje uma kuwukuthi iyashada.

Oh Snenezana darling, ungazijaji kakhulu uzoba nokhwantalala. Kodwa-ke uMzala uyakujaja ngenxa yokuthi wena uthi awuyazi iminyaka yengane yakho yesibili. Hhayi nkosazana, asikwenzi lokho.

Image

Bayekeni bazitone, imali iyavuma

KANTI noze nimyeke nini bakithi 'uMaMlambo'? Phela le ntokazi enguGugu Gumede  isifela ukuthi inemali yokulungisa umzimba wayo.

Uma ike yavela nje i-trenda usuku lonke, phela sekuyazwela kuMzala. Angithi yachaza kahle ukuthi isimo sempilo besisengcupheni, bekumele yenze isinqumo sokufa noma sokuphila, yaqoka ukuphila.

Myekeni phela manje, sekwanele!

Kanti ngapha le ntokazi ewuLaConco isho kahle ingananazi ukuthi uma isaka livuma, hamba uyoziphoshonga. Hhayi maan, ziyangichaza izintokazi muva nje, zinhle kuphela. Lalelani bo mnge, ilwani.