07 | Izindaba

Friday, 05 June 2026

Image

NGUSINEMPILO Ngubane (40) waKwaMpande, eMgungundlovu, ongomunye wabangenele umncintiswano kaMrs South Africa.

Ufisa ukuthwala isicoco sikaMrs South Africa 


Ugqugquzela abesifazane ukungazibukeli phansi, bangene nasemikhakheni eyahlukene.


Thandi Zondi

INTOKAZI engenele uMrs South Africa 2026, ithi ihlose ukugqugquzela abesifazane ukuba bangawalahli amaphupho abo.

USinempilo Ngubane (40) waKwaMpande, eMgungundlovu, osezinze eHillcrest, ungomunye wasebedlulele emzuliswaneni owandulela owamanqamu emncintiswaneni kaMrs South Africa.

Ebuzwa ukuthi kungani eqoke ukungenela lo mncintiswano uthi: "Ngesikhathi ngisemncane bengimodela, ngabuye ngayeka ngenxa yokukhula, nokuthi bese nginengane nomyeni. Amanye amaphupho ami ngawabeka ethala," esho.

Image

"Ukungenela uMrs South Africa, bekuyindlela yokugqugquzela abesifazane ukuthi bangazikhohlwa, futhi bangawalahli amaphupho abo, isikhathi sokuwafeza sisekhona," esho.

USinempilo wake waba nguMiss University of KwaZulu-Natal, 2003.

Le ntokazi ineziqu zeChartered Accountant (CA) neBusiness Administration (MBA), eyazithola e-UKZN.

Ithi iyakholelwa kakhulu emfundweni, ngoba ukube kayizange ifunde, ngabe kayizange ifinyelele lapho ikhona.

Unohlelo lokusiza abafundi abaswele, abaphe nezeluleko zempilo nangemfundon

Uthi unohlelo lapho ehlonza khona ingane evela emndenini oswele, bese eyithengela umfaniswano wesikole nezincwadi.

"Ngigxila kakhulu kwezifunda e-high school, ngoba nginenkolelo yokuthi yilapho abantwana okumele bazitshengise khona ukuthi bafunani empilweni.

"Ngibasiza nange-career guidance, ngibachushise nakwezempilo yonke jikelele, ngoba ngingumuntu obuye avakashele ezikoleni," esho.

Ngomhla ka-3 July, kuzobe kuqokwa abazodlulela kowamanqamu, ngoNovember kuyobe sekuqokwa ozothwala isicoco sikaMrs South Africa.

Ugqugquzela abesifazane ukuba bangazibukeli phansi, bangene emikhakheni eyahlukene.

"Ngigqugquzela abanye besifazane ukuba bazihluphe, futhi bazikhathaze ngolwazi. Uma kukhona umkhakha ohlezi unemibuzo ngawo, sondela kuwona, konke kuyenzeka," echaza