05 | Izindaba

Friday, 05 June 2026

Image

I-KwaZulu-Natal, ihamba phambili ngamacala okunukubezwa kwezingane


Kuvela ukuthi kweminye imindeni kwamukelwa inkokhelo nenhlawulo ukuze kwesulwe la macala


Thandoluhle Ngubo

KUVELE ukuthi iKwaZulu-Natal (KZN), ihamba phambili ngamacala abantu abadala, abalala nezingane ezingaphansi kweminyaka egunyaziwe (statutory), njengoba kulo nyakamali ophelile, lesi sifundazwe sibhalise amacala alolu hlobo angaphezulu kuka-700.

Lokhu kuvele ngoLwesithathu ebusuku phambi kwekomidi elibhekelele ukuphenywa kwamacala, ePhalamende.

Ngokombiko ohlanganiswe yikomkhulu lamaphoyisa, wethulwa kuleli komidi yiSekela loMkhuzi wamaPhoyisa obhekelele ubugebengu kuzwelonke, uJenene Hilda Senthumule, kuvele ukuthi amacala alolu hlobo abikwe eKZN awu-729, kwaboshwa abasolwa abawu-430, kwalahlwa ngamacala abawu-39.

Lo mbiko uthi okubi wukuthi amacala angaphezu kwa-500 kulawa, ahoxiswa yizinkantolo. Uthi kule minyaka eyisihlanu eyedlule, kubikwe amacala awu-3 232 kuzwelonke, kodwa kwahoxiswa awu-1 853.

La macala ayanda ngenxa yokulahleka kwethemba ngohlelo lwezobulungiswa

"Okutholwa ngabaphenyi uma bephenya la macala, wukuthi imindeni, amasiko nokulahleka kwethemba ngohlelo lwezobulungiswa, kunomthelela ekwandeni kwala macala, nasekungabikweni kwamanye awo.

"Isibonelo nje, kweminye imiphakathi ukuganisa ngenkani izingane ezincane kubukeka kuyinto elungile nefanele, imindeni ingayiboni inkinga kulokho.

"Sithole nokuthi ngesinye isikhathi abazali, othisha, osonhlalakahle nezinye izihlaka ezifanele, bayehluleka wukubika la macala ngezizathu ezehlukene," esho..

Image

UKUGANISA ngenkani izingane ezincane kubukeka kungenye yezinto ezinomthelela.

Lo mbiko uhlabe isenzo seminye imindeni, sokwamukela izinkokhelo nezinhlawulo ukunyathela lolu hlobo lwamacala.

USenthumule ugcizelele ukuthi amaphoyisa kawavumelekile ukuvumela nanoma ngubani ofuna ukusula lolu hlobo lwamacala.

Uthi kodwa lokhu kuyenzeka ngoba isikhathi esiningi imindeni yezisulu isuke ithembele kubasolwa, ohlangothini lwemali.

Usihlalo wekomidi uMnu Ian Cameron, uzwakalise ukudumala ngalo mbiko. Uthi lo mbiko othulwe amaphoyisa kawemukelekile.

Ugcizelele ukuthi amaphoyisa kumele aqhamuke nohlelo lokuvimba ukwesulwa kwamacala, nokuhoxiswa kwawo.

Uthi leli komidi lizolubukela eduze lolu daba ukuze kutholakale isixazululo. Amalungu aleli komidi nawo azwakalise ukudumala.

Afanise lolu hlobo lwamacala, namanye amabi.